IZOVELA eNkantolo yeMantshi eVerulam, ngoJuni 8, intombi esolwa ngokuphuzisa isoka i-acid, ilibhunyela ngayo ebusweni nasemzimbeni ngenxa yesikhwele.
Kuthiwa uMnuz Phakamani Sibiya waKwaCeza, oLundi, olimele ebusweni nasemzimbeni, wahlaselwa yintombi ngo-Ephreli 13, ilekelelwa nguyise nomngani wayo.
Ngokusho komthombo osondelene nesoka, uSibiya wayephuma emsebenzini wakhala ngokukhathala entombini yakhe, yabe isimlungisela uchatho nokunye okwakubukeka njengamanzi. Wachatha ngakho uSibiya.
Uqhuba uthi umgilwa wasola ukuthi ubechatha nge-acid ngemuva kokuzwa ilangabi limshisa esiswini. Uthi intombi yathinta umngani wayo oshayela imoto ekhokhelwa ngebanga elihambile (E-hailing).
Ngokusho komthombo umgilwa wasola ukuthi kukhona okushaya amanzi besemotweni ngenkathi bemnika isigujana ayezitshela ukuthi sinamanzi kanti yi-acid, yavele yamxina esiswini. Kuthiwa uSibiya wasizwa ukubaleka ukuze abonwe ngezinye iziqashi lapho ahlala ngakhona eVerulam, zaxhumana namaphoyisa ne-ambulensi yamphuthumisa esibhedlela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo uqinisekisile ukuvulwa kwecala lokuzama ukubulala.
"Isiteshi samaphoyisa sasoThongathi siphenya owesifazane oneminyaka engu-30 mayelana necala lokuzama ukubulala. Kulindeleke ukuthi abuyele eNkantolo yeMantshi eVerulam ngoJuni 8,’’ usho kanje uConstable Ngcobo.
Uyise wesoka uMnuz Thulani Sibiya waKwaCeza, oLundi, uthe kuyamdida ukuthi kungani ephume ngebheyili umsolwa ekubeni asisihle isimo endodaneni yakhe.
"Kusobala ukuthi le ntombazana yathola ukuthi indodana yami ibisaxhumana nonina wengane. Phela sengake ngezwa kuthiwa ibingafuni nakuzwa lutho ngengane nonina. Ingane yami ihlukumezekile othandweni ebikulo yaze yashiswa nge-acid. Ingihlukumezile le nto emoyeni wami," kusho uSibiya.
Uthe kumanje uhleli emqashweni wendodana ukuze akwazi ukuyoyibona njengoba ilashwa esibhedlela.
"Le ntombazane kudala ngayibona ukuthi ayilungile. Ibihlale ingifonela ikhononda uma ike yaxabana nomfana wami kanti naye ubekhala ngokungahloniphi kwayo," kubeka uSibiya.
Uthe usebeke imikhuleko yakhe kuNkulunkulu njengoba kwembulwa kwembeswa endodaneni yakhe.