KWENZEKE okungajwayelekile ngesikhathi owesilisa waseRichmond, eSilahla, eshona ngemuva kwamahora ambalwa eqeda kushadelwa.
Kuthiwa uMnuz Khehla Nzimande (59) obese kuphele isikhathi eside exinwe yisifo somdlavuza, ushone ngoLwesithathu ntambama esibhedlela abelashelwa kuso iRichmond Hospital.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto, umufi kuthiwa ushona nje emini ubekade enza izifungo nowesifazane abethandana naye, osebenza esibhedlela abelashelwa kuso.
Amalungu omndeni akubo kamufi, athe asadidekile ngesenzo sikaNksz Nomathamsanqa Ngcamu (45), akhale ngokuthi uthathe isinqumo sokushada nelungu lawo ebeligula, engabazisanga.
Umshado kuthiwa wenzelwe ewadini obekulele kulo umufi okuthiwa bese kunzima nokuthi aphakamise izandla exineke kakhulu.
“Kwabazibonele umshado bathi bekunzima njengoba izandla zikamalume bezibanjwa ngesikhathi esegxiviza esitifiketini somshado. Kusiphoxile ukuthi intombi iphoqe ukushada nomalume ekulesiya simo futhi esesibhedlela,” kusho ilungu lomndeni elicele ligodliwe igama lalo.
Liqhuba lithe, kusobala ukuthi intombi ibinezinhloso ezithize njengoba umndeni ungazange waziswe ngomshado elithe bakholwa wukuthi bekungowempoqo.
Leli lungu lomndeni lifunge lagomela ukuthi intombi ngeke ithole lutho njengoba umuzi ebihlala kuwo bekungokanina kamufi naye ongasekho emhlabeni.
Kuvele ukuthi umufi wake washadelwa ngaphambilini kodwa izinto zangahamba kahle. Kuthiwa wafunga ukuthi akaziboni ephinda eshadelwa.
Lezi zithandani kubikwa ukuthi bese kuphele iminyaka engaphezulu kwemithathu zindawonye.
“Siyasola ukuthi kukhona imali ebigcinwe ngumalume intombi ebiyazi ngayo njengoba ishade naye egula. Besikujabulela ukubona umalume esothandweni kepha besingazi ukuthi uthandana nowesifazane oyiqili,” kubeka ilungu lomndeni.
Ethintwa uNksz Ngcamu uqale ngokuphika ukuthi umyeni wakhe ushonile, walimisa ngesihloko ukuthi usadla anhlamvana.
Phakathi nenkulumo uzwakale esephahluka esevuma ukuthi umyeni wakhe akasekho emhlabeni.
“Ayikho into ozoyibhala ngokushona komyeni wami. Angikwazi ukuphawula lutho ngalolu daba ongithinta ngalo futhi ayikho into engizoyikhuluma,” kusho uNksz Ngcamu ngolaka.
Izithandani bezingenazo izingane ngokusho kwelungu lomndeni.
UNzimande kuthiwa wayengumshayeli wamaloli kodwa washiya ngoba esexinwe wukugula.
UMnuz Mpumelelo Zikalala ongummeli, uthe abomndeni bangalivula icala mayelana nokushadiswa kwesiguli okungenzeka ukuthi besingazi ukuthi kwenzekani ngesikhathi sishada.
“Umbiko kadokotela ungalekelela ekutheni kucace ukuthi isigula besixineke kangakanani ngesikhathi kushadwa. Uma kunobufakazi bokuthi besixineke kakhulu, umshado ungathathwa ngento engekho,” kubeka uZikalala.
Isazi samasiko uSihawukele Ngubane uthe isenzo salaba siphambene kakhulu nosiko njengoba umshado udinga imindeni yomibili.