ABAHOLI balabo abeseka iMeya yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede, basola abaholi abathile kwi-ANC ngokugxambukela ezindabeni zaseThekwini ngenhloso yokufeza izinhloso zabo zezombusazwe.
Esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, okhulumela abeseka uNkk Gumede, uMnuz Mzomuhle Dube usole uNobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Mdumiseni Ntuli noNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ngokufaka unyawo lwedada eThekwini.
“UNtuli uyagxambukela eThekwini, lokho akusithusi ngoba vele umfowabo uMnuz Bheki Ntuli obenguNobhala eThekwini ukhona embangweni wezikhundla njengoba kuyiwa engqungqutheleni yesifunda, esinye isizathu esenza angabi qotho odabeni lwaseThekwini wukuthi uNkk Gumede wayehola ithimba laseThekwini elaliphikisana nokuthi akhethwe njengoNobhala wesifundazwe,” kusho uDube.
Uthe kwabathusa futhi ukuthi ngesikhathi beboshiwe ngeledlule esiteshini samaphoyisa eDurban Central ngemuva kombhikisho, bezwa elinye iphoyisa lithi uthe uCele ufuna inombolo yecala.
Omunye wabakhulumela abeseka uNkk Gumede, uMnuz Sduduzo Magwaza uthe uNobhala we-ANC esifundazweni, nomfowabo obenguNobhala waseThekwini baba nomhlangano nemenenja yoMkhandlu weTheku, uMnuz Sipho Nzuza kwathathwa isinqumo sokuthi kwelulwe inkontileka yezinkampani ezine ezithinteka ecaleni mayelana nethenda kadoti okuboshwe ngayo uNkk Gumede, kusetshenziswa isigaba somthetho uSection 36, lapho inkampani inikwa umsebenzi ngaphandle kokulandelwa kwemigudu yokukhishwa kwamathenda.
Ukwelulwa kwethenda yokuqoqwa kukadoti kumenyezelwe emhlanganweni wamakhansela alawula umasipala ngoJuni 18, iMeya isinikwe ikhefu lenyanga.
Omunye wabeseka imeya, uMnuz Ntando Khuzwayo, uthe: “Singabaholi thina emagatsheni nakuma-zone e-ANC konke lokhu esikwenzayo sikwenza ngoba singahambisani nendlela okusingathwe ngayo udaba lwemeya nekhansela uMondli Mthembu ngoba sikholwa wukuthi ubulungiswa abuzange benziwe, asikwenzi lokhu ngoba kuyiMeya singakwenza kunoma iliphi iqabane uma sibona ukuthi kudlalwa ngalo.”
UDube uthe: “Sesibhalele ubuholi bukazwelonke ukuba bungenele, uma singaneme ngokungenela kwabo sizophoqeleka ukuthi siye enkantolo.”
Okunye okuvelile wukuthi abeseka uNkk Gumede ngeledlule bavale amahhovisi esifunda eCommercial City ngoba bengahambisani nokuqokwa kwethimba lesikhashana okuthiwa kumele lilungiselele ingqungquthela.
Okhulumela uCele, uNksz Reneilwe Serero, uthe uCele akahlangani nophenyo lwaphoyisa. UNtuli akatholakalanga.