AMAPHOYISA ase-Western Cape aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa ngemuva kwesigameko sangoMsombuluku ebusuku endaweni yaseHarare.
Kuthiwa abasolwa abangaziwa bafike emzini oseSiphendule Crescent ngo-8.25 ebusuku bavulela ngenhlamvu kubagilwa, ngaphambi kokubaleka.
Kuthiwa ayaziwa imbangela eholele ekuhlaselweni kubulawe abesilisa abathathu abaneminyaka engu-24, 30 no-32 ubudala.
“Babili abasinde esigamekweni sokudubula, bobabili baneminyaka engu-30 ubudala futhi basesimweni esibucayi,” kushpo uColonel Andrè Traut okhulumela amaphoyisa eWestern Cape.
Abasindile baphuthunyiswe esibhedlela.
Imbangela yokuhlasela ayikaziwa kodwa amaphoyisa aqinisekise ukuthi kudedelwe aqale lukafuna aze ayithole lwamahora angu-72 futhi anxusa umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi oluzosiza.