USHAQEKILE uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, KwaZulu-Natal, uDkt Ntuthuko Mahlaba kushiswa ugandaganda nenye impahla yokwakha endaweni obekuzokwakhelwa kuyo abaswele izindlu.
Lesi sigameko sicike uMahlaba njengoba ephansi phezulu efuna indawo yokwakhela abantu abadilizelwa izindlu yizikhukhula ngenhloso yokubakhipha emahholo nakwezinye izindawo abakhoseliswe kuzo.
Esitatimendeni uMahlaba uthe abafuna umsebenzi ngodli abahlasele unogada bashisa nogandaganda nenye impahla ngoLwesibili, eVerulam.
UMahlaba uxwayise abashisile ngokuthi umnyango wakhe ngeke uphele amandla okwakhela abadilizelwe yizikhukhula izindlu ezisezingeni kodwa uzoqhubeka nokusebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi abantu baba nezindlu.
Uthe uzosebenzisana nezinhlaka zomthetho ukuze kutholakale izigangi.
Uveze ukuthi njengamanje sekusele izindawo zokukhoselisa abakhahlanyezwa yizikhukhula eziwu-60 eThekwini kanti ngenxa yokuthi impahla yokwakhela abantu izindlu zesikhashana ayisheshi ukufika, umnyang ousuqalile ukutholela abantu izindawo zokuhlala ukuze bangadleli uKhisimusi emahholo.
Uthe bayaqhubeka nokufuna umhlaba kahulumeni nowabantu abazimele ukuze bakwazi ukwakhela abantu. Wathi abanye bazohlaliswa emaflethini nakwezinye izakhiwo ezizobuyisa isithunzi sabo.
EMsunduzi kunomndeni osusiwe eTruro Hall wayiswa endlini esemizini engaphansi kukahulumeni oseCopesville.
KwaMbheduka, eThekwini,imindeni emithathu ebihleli ehholo isusiwe yakhelwa izindlu zesikhashana. Neminye emibili isusiwe ehholo yakhelwa izindlu zesikhashana eSavannah Park, ePinetown.
UMahlaba uthe sebakhe izindlu zesikhashana eziwu-1 521 KwaZulu-Natal kanti eziwu-1 440 sezihleli imindeni. Izindlu zesikhashana eziwu-81 eziKwaDukuza azinabo abantu okwamanje njengoba zisazofakwa amanzi namathoyilethi.
Abanye abantu bazofakwa emaflethini noma kwezinye izakhiwo lapho uMnyango wezokuHlaliswa KwaBantu, uMasipala weTheku neHousing Development Agency bezosayina izivumelwano zokuhlalisa abantukulezi zakhiwo uma kuphela u-Okthoba.
UMahlaba uthe abantu sebenikiwe izindlu zesikhashana komasipala, Ilembe, King Cetshwayo, Mkhanyakude naseMzinyathi. Uthe sebesalelwe wukwakha izindlu eziwu-289 kweziwu-1860 abathola ukuthi bazokwazi ukuzakha.
Uveze ukuthi sebekhokhe uR82.3 million ngemisebenzi eyenziwa ukusiza abadilikelwa yizindlu ngezikhukhula ukuba bathole izindlu zesikhashana.
Kunomunye uR6.3 million ozokhokhwa maduze. Uthe imali asebeyisebenzisile iye kulabo akade bakha izisekelo zezindlu zesikhashana eziwu-1226. UMahlaba uthe sekusele kancane basebenzise uR112million emalini ewuR325million abayabelwe wuMnyango wezeziMali.
Ukhale ngokuthi umhlaba wokwakhela abantu useyinkinga enkulu kodwa-ke benza konke okusemandleni ukuwuthola.
Uphethe ngokuthi sebesikelwe umhlaba abazokwazi ukwakha izindlu kuwona njengoba befuna abantu babe namakhaya angunaphakade.