BAGCINE beshaywe ngoswazi oluncane abasebenzi bakaMasipala waseMsunduzi okwasabalala izithombe zabo belele phezu kwamathuna.
Laba basebenzi banikezwe izexwayiso ezibhaliwe emva kohlelo lokuqondiswa ubugwegwe.
Lokhu kuvezwe imenenja kamasipala, uMnuz Lulamile Mapholoba, engxoxweni abe nayo neSolezwe.
UMasipala waseMsunduzi waba sematheni ngasekuqaleni kwalo nyaka ngesikhathi kusabalala izithombe zabasebenzi bomkhandlu becambalele phezu kwamathuna.
Kulezi zithombe ezasabalala ezinkundleni zokuxhumana kwakubonakala abesifazane bedlubhe umfaniswano wabasebenzi abaqoqa udoti bezilalele sakucambalala ematsheni abekwe emathuneni, abanye behleli phezu kwawo, bengazi nokuthi lidumephi.
Lesi senzo sagxekwa kakhulu ngabelaphi bendabuko nezazi zamasiko.
UMapholoba uthe abasebenzi bakhombise ukuzisola ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lokuqondiswa ubugwegwe.
"Ingakho sinqume ukuthi kufanele banikezwe izexwayiso ezibhaliwe ngoba bawavuma amacala abo futhi bakhombisa ukuzisola. Abanye babo bangomama kanti abanye babo bangabasebenzi betoho. Badonswe ngendlebe ukuthi bangaphinde beyenze into enje. Sinethemba lokuthi angeke siphinde senzeke isenzo esifuze lesi."
UMapholoba uthe isenzo salaba basebenzi safaka umasipala ehlazweni.
"Lena indaba ebucayi ngoba ithinta amasiko. Le nto yasusa ukukhuluma okukhulu. Sathintwa ngabantu abaningi okubalwa kubo nezazi zamasiko nabelaphi bendabuko, bethi kufanele kwenziwe ukuthi nokuthi ukuze kushwelezwe.
"Ngicabanga ukuthi kwaba khona ukunganaki kubasebenzi. Mhlawumbe abasathuki ngoba basebenza khona emathuneni. Nabantu abasebenza emakhazeni bagcina bengasasabi. Kodwa iqiniso ukuthi le nto ibucayi."
UMapholoba, ofike kulo masipala ngasekupheleni konyaka owedlule, ukhale ngokuthi ufice abasebenzi bakamasipala bezenzela umathanda.
"Ngesikhathi ngifika abasebenzi bebezichanasela. Abantu bebezifikela ngesikhathi abasithandayo baphinde bazihambele ngesikhathi abasithandayo. Kube nesidingo sokuthi sibhekane nokusetshenziswa budedengu kwezimoto zomkhandlu nemali ekhokhelwa abasebenze isikhathi esengeziwe."
UMapholoba uthe isimo asisafani, wathi bafuna ukusenza ngcono. Uthe maduzane umasipala uzokwethula uhlelo lokubambisana noMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, lapho khona iziboshwa zizokwelekelela ukuhlanza idolobha.
Ngesikhathi lumenyezelwa okokuqala loluhlelo kwaba nemvunge kubasebenzi bakamasipala abakhombisa ukungalwenameli njengoba abanye babekhala ngokuthi lokhu kuzodala ukuthi singabe sisaba khona isidingo sokuthi basebenze isikhathi esengeziwe.
Kepha uMapholoba uthe bayaqhubeka nalo: “Simatasa senza amalungiselelo okuqala kohlelo. Maduze sizolwethula ngokusemthethweni. Siyalujabulela kakhulu lolu hlelo. Abasebenzi bakamasipala angeke basivimbe ukuthi siluqhube. Luzosongela imali.”