ALIBANGE lisangena eNkantolo yeMantshi yaseShowe icala lezibhamu ebelibhekene nomsakazi woKhozi FM, uZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela.
Lokhu kuze emva kokuthi umshushisi ethathe isinqumo sokuthi lingafakwa ohlwini lwamacala abezoqulwa kule nkantolo.
Umshushisi igama lakhe elingatholakalanga, uthe icala alibange lisafakwa ohlwini lwamacala azothethwa enkantolo.
Ebuzwa isizathu salokho, uphendule ngelithi kube yisinqumo sabashushisi ukuthi lingabe lisafakwa ohlwini.
Ngesikhathi Isolezwe lifika enkantolo ngezikhathi zasekuseni, kube sekutheleka inqwaba ebizokweseka uZimdollar.
Kubona bekukhona amalungu omndeni wakhe. Kuwona kunguyise, uMnuz Zenzeleni Biyela nodadewabo uNkk Lindi Mthembu.
Abanye ebebekhona uSotswebhu we-NFP eZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela.
Emva kokufika kwalabo ebebezomeseka uZimdollar, kube sekutheleka yena nge-BMW emhlophe. Le moto ibiphelezelwa ngenye emhlophe iGTI.
Iqale yama endaweni epaka izimoto ngaphandle wenkantolo.
Ithe isuka yayongena esiteshini samaphoyisa eShowe, esingaphesheya komgwaqo maqede wehla kuyo, wangena ngaphathi esiteshini.
Ubegqoke ingubo yakhe kanokusho emnyama, ngaphezulu wayeleka ngebhantshi elimhlophe, ezinyaweni efake izicathulo eziphakeme ezimhlophe, wanezela ngezibuko ezimnyama.
I-BMW ibe isiphuma esiteshini samaphoyisa, yayoma ethunzini ngaphandle wenkantolo. Emva kwehora, babe sebehlakazeka ebebezomeseka.
UZimiphi wathunyelelwa amasamanisi ambizela enkantolo ngasekuqaleni kwenyanga edlule.
Ngokusho kwamaphoyisa ngaleso sikhathi, lokhu kwakumayelana nezibhamu okuthiwa zatholwa ngamaphoyisa emzini wakhe, okuyo le ndawo ngo-2020.
Phakathi kwalezo zibhamu kuthiwa kwakukhona ne-AK47. Ngesikhathi enikwa amasamanisi, amaphoyisa athi uzobekwa icala lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, elezinhlamvu zesibhamu nelokutholwa nempahla entshontshiwe njengoba kwavela ukuthi ezinye zezibhamu ezatholwa kwakhe, zazebiwe komunye umuzi oseRichmond ngo-2016