BASABALWA nabanye abasebenzi abaxhashazwayo abasebenzi basezindlini njengoba ucwaningo lwakamuva lweSweepSouth luveza ukuthi abaholelwa ngokohlelo lwe-National Minimum Wage (NMW).
ISweepSouth yinhlangano efunela abasebenzi basezindlini umsebenzi.
Ngokwe-NMW umsebenzi kufanele ahole uR27.58 ngehora okusho ukuthi ngosuku kufanele athole uR220.64.
Ucwaningo lwenziwe kubasebenzi basezindlini abawu-5 600 okugcwele kubo abesifazane abaneminyaka ewu-26 kuya kwewu-41.
Kuvele ukuthi abaqashe abasebenzi basezindlini abakwazi ukuholela abantu iNMW ngenxa yezindleko zokuphila, bakhale ngokuthi nabo amaholo abo aphelela kugesi, ekuthengeni igilosa nasemalini kaphethroli neyezinye izidingo zempilo.
Kuvele ukuthi abasebenzi basezindlini baholelwa uR2 659 uma besebenze inyanga yonke ezifundazweni eziningi kanti kukhona nabasaholelwa imali engaphansi kwalena.
Kuthiwa izifundazwe eziholela kangcono yi-Gauteng neWestern Cape njengoba khona umsebenzi wesifazane wasendlini ohola kancane ethola uR3 349 ngenyanga, bese kuthi owesilisa ovamise ukusebenza engadini athole uR3 059 ngenyanga.
Abasebenzi basendlini abahola kangconywana bathola uR3 792 ngenyanga bese kuthi abayitoho bathole uR3 250 ngenyanga.
Kuvela ukuthi abokufika bagcwele kulo mkhakha njengoba u-59% okukhulunywe nawo udabuka eZimbabwe, u-37% ngowakuleli bese u-3% kube ngowaseMalawi.
Kuthiwe u-83% wabasebenzi basezindlini yiwona kuphela osebenzayo emindenini yawo, unabantu abane abathembele kuwo.
UNkk Pinky Mashiane ongumengameli wenyunyana i-United Domestic Workers of South Africa, uthe akubamangazi ukuthi abasebenzi basezindlini baholelwa kancane badlulwa ngisho ngabasemapulazini.
“Basaxhashazwa abasebenzi basezindlini, sidinga ukuthi uhulumeni athumele abahloli emizini ehlukene ukuze bayoqinisekisa ukuthi abasebenzi baholelwa malini. Kubuhlungu ngoba manje sesixhashazwa ngabantu bakithi okuyibona abaholela imali encane kakhulu,” kusho uNkk Mashiane.
Uthe bazoqhubeka nokugqugquzela abasebenzi ukuthi bangene enyunyaneni ukuze bathole ubulungiswa. Ubalule ukuthi abanye abaqashi abayifaki nemali ye-Unemployment insurance fund (uif) okuba yinkinga uma abasebenzi sebexoshiwe.
Uveze ukuthi abasebenzi banikwa uhlu lomsebenzi okufanele bawenze kodwa uyanda njalo ngenyanga kodwa iholo limi ndawonye.
Njengamanje abasebenzi abaqashelwe ukuhlanza indlu kuphela kufanele okungenani bathole uR3 349, abasebenza engadini bathole uR3 128, abagada izingane bathola uR3 464, abagada abadala bahola uR3 324 bese abaqashelwe ukupheka bathole uR3 463.
UNkk Lourandi Kriel oyisikhulu esiphezulu seSweepSouth, uthe ucwaningo lwabo kufanele luvuse wonke umuntu waseNingizimu Afrika ukuthi abe nozwelo, aholele umsebenzi wasendlini imali efanele.
Naye uthe uhulumeni kufanele athumele abahloli futhi ajezise abangaholeli imali enqunyiwe.
Abaqashi abakhulume neSolezwe bathe nabo abakwazi ukuholela abasebenzi basezindlini imali enqunyiwe ngenxa yokuthi igilosa isibiza uR5 252.15, ugesi uyabiza kanti nemali mboleko inyuka umlibe.
UNkk Nqobile Mahlangu (40) ozinze eGoli, uthe ubenomsebenzi oqashelwe ukuhlanza ikhaya abemholela ngokohlelo lwe-NMW iminyaka eyisishiyagalombili bahlukana uma esefuna ukuzosebenzela eThekwini.
Uthe ubewenza kahle umsebenzi kanti emuva kokuthi elahlekelwa wuye uye wathola abantu abangazimiseli ngomsebenzi abebefuna ukuholelwa ngokwe-NMW kodwa bengawenzi kahle umsebenzi. Uveze ukuthi abanye bebengathandi nokutshelwa ukuthi bawenze kanjani umsebenzi.
Ubalule ukuthi ukubiza kwempilo kwenza abanye abaqashi bangakwazi ukuholela ngokohlelo lwe-NMW kodwa baye baxoxisane nalabo abadinga umsebenzi ukuthi mhlawumbe bano-R2 500 bese bezwana.
Njengamanje uthe unomsebenzi ofika ngempelasonto ngenxa yokuthi akamtholi umsebenzi oziphatha kahle enze okulindeleke kuye.