USATHUTHUMELA umndeni wephoyisa likaMasipala weTheku okuthiwa libulawe isoka lalo, nalo eliyiphoyisa kuwo lomasipala ngeSonto.
UBiancha Khuzwayo (23) waseGlenmore eThekwini ugwazwe waze wafa eflethini elisemgwaqweni uJoseph Nduli enkabeni yeTheku, ezintatha zangeSonto.
Umsolwa (27) kuthiwa umgwaze amanxeba angu-13 umufi, kwathi uma usuzophuma umphefumulo, washutha ivideo, wayisabalalisa ezinkundleni zokuxhumana nakubangani bakamufi.
Kuyona kubonakala yena umufi ngemizuzu yakhe yokugcina. Kubonakala umtafula ubhajwe entanyeni kumufi, ephuma igazi ngamakhala elinye elixubene namagwebu liphuma ngomlomo. Isikibha esimhlophe abesigqokile umufi, naso sigcwele igazi.
Kuvele ukuthi bebekade benephathi, lapho bebungaza khona ukuthi umsolwa uthenge iflethi. Kule phathi kuthiwa bekukhona abangani nozakwabo abangamaphoyisa.
Isolezwe lithinta unina, okuthiwe naye uyisikhulu esiphezulu emaphoyiseni kaMasipala weTheku, igama lakhe elingatholakalanga, uzwakale eluphendula ngomoya ophansi ucingo, kuzwakala ukuthi akekho esimeni esikahle sokukhuluma.
Ezwa ukuthi intatheli emfonelayo, ucele ukudlulisa ucingo kumuntu ongaba namandla okukhuluma nabezindaba.
Eluphendula owesifazane odluliselwe ucingo, uthe akukho abangakuphawula okwamanje.
“Asazi kahle ukuthi kwenzekeni. Silinde ukuhlangana nomphenyi wecala ngoLwesibili, nokunguye esilinde ukuthi asilandise kabanzi, bese sikwazi ukuphawula kahle,” kusho lona wesifazane, okuthe uma ebuzwa igama, wavele waluvala ucingo.
Abayixoxa ezinkundleni zokuxhumana bathi umufi ubekhulelwe. Sikhona nesithombe sikamufi nomsolwa ababukeka bejabule ngaphakathi egumbini likadokotela, phakathi kwabo kukhona i-screen se-ultrasound scan ekhombisa umntwana esiswini.
Yize kungaveli ukuthi bese zingaki izinyanga kodwa kuthiwa umsolwa ubejabule, ezitshela ukuthi bazoba nomntwana nomufi.
Kuthiwa konakale ngesikhathi ethola ngomngani kamufi ukuthi ingane ayithwele akuyona ekamsolwa nokuyilapho avele wamgwaza khona, wambulala.
Ubesethatha i-video eyibhadlaza ezinkundleni zokuxhumana, nakuye lomngani obemputshuzele izindaba zokuthi ingane akuyona eyakhe.
Umngani osolwa ngokuqhatha lezi zithandani uthelekelwe abantu khona ezinkundleni zokuxhumana, bembuza ukuthi uziqhatheleni izithandani, abanye bethi akaphumele obala ngokuthi ubambe liphi iqhaza ekutheni kuze kubulawe lona wesifazane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe umsolwa kulindeleke ukuthi avele ngoLwesibili eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Uthe ngokwemibiko abayitholile, lezi zithandani beziphuze utshwala ngesikhathi owesilisa egwaza owesifazane embulala.
“Kuthiwa uze waqopha ne-video ngesikhathi umufi esefa, wayithumela inqwaba yabantu, waphinde wayinameka nasezinkundleni zokuxhumana,” kusho uNetshiunda.
Uqhube wathi yize kubikwa uphuzo oludakayo nezinye izidakamizwa esenzweni sikamsolwa, akukacaci ukuthi yini eholele ekutheni agwaze umufi.