BAPHITHENE amakhanda abakhoseliswe emasontweni nasemahholo omphakathi emva kokungenisa komfula uMsunduzi amanzi adiliza izindlu ezinye zagcwala amanzi, ngoLwesithathu.
La malungu omphakathi wasePeaceville, e-Ashdown eMgungundlovu athi yize engekho olimele noma omukile kodwa aphume ngalokhu abekugqokile ngesikhathi amanzi omfula eza njengolwandle ezindlini zawo.
Omunye wabakhahlamezekile, uNksz Vamisile Zondi uthe nakuba azimukanga izingane zakhe ezimbili, ubonga umakhelwane wakhe, ongene nezicabha ezozithatha.
“Kimina amanzi abefika esifubeni,” kusho uNksz Zondi ngesikhathi edweba isithombe ngendlela isimo ebesinzima ngayo.
Uthe bagcine bekhoseliswa esontweni lomphakathi lapho behleli khona ngaphandle kwezingubo zokulala, ezokugqoka nokudla okwanele.
“Silahlekelwe yikho konke esinakho ngoba bese singasekho isikhathi sokuthi kungaba khona into olibala ukuyithatha amanzi ela,” kusho yena.
Omunye okhahlamezekile uNksz Bongiwe Zuma, uthe ukhathazekile ngokulahlekelwa yikho konke. Wathi okumkhathaza kakhulu wukulahleka kwezincwadi zesikole zezingane zakhe ezimbili okubalwa nefunda u-matric.
“Kuyimanje uyabalisa ukuthi akazi ukuthi uzofunda ngani njengoba bebhala ngoMsombuluko,” kusho uNksz Zuma, othe umntanakhe uthe uzocela usizo kubangani bakhe abahlala kwezinye izindawo ukuthi bamsize ngamanothi okufundiwe.
Uthe yize ukungenisa kwalo mfula kuyinto abaqale ukuyiqaphela ngo-2018 uma kunemvula enkulu kodwa kuyaqala ukuthi umonakalo ube ngaka.
Uthe isizathu esenza ukuthi bazokwakha kulezi zindawo ezingasemfuleni wukuthi kuseduze nedolobha.
“Songa enkulu imali uma sigibela siya emsebenzini, sihambisa nezingane ezikoleni,” kusho yena.
Uthe bayafisa ukuthi uma uhulumeni egcina elwenza uhlelo osekunesikhathi ekhuluma ngalo ukuthi bazosuswa kule ndawo eyingozi, abayise endaweni ezokwazi ukuthi ibhekele izidingo zabo ezifana nokusondezela izindawo zokusebenza edolobheni nezikole.
Batshele Isolezwe ukuthi usizo abaludinga masinyane ngolwezingubo zokugqoka, ezokulala nokudla.
UNgqongqoshe woMnyango wokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu, uMnuz Sihle Zikalala, ubeseqalile ukuhambela abagilwa ngenhloso yokuhlola umonakalo.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe bayazwelana nabagilwa abakhahlamezekile.
Uthe ihhovisi lakhe liyaxhumana nomnyango kaZikalala ohambisa usizo kubagilwa.
“Kuzohlolwa umonakalo ukuthi ungakanani,” kusho uNkk Dube-Ncube, othe kufanele kubekwe eqhulwini abafundi okuyimanje babhala izivivinyo zokuphela konyaka, abadala nalabo abalahlekelwe amakhaya.
Unxuse izakhamuzi ukuthi ziqhubeke nokuqaphela njengoba sekuqale isikhathi esihabisana nemvula.
Uthe bayabonga ukuthi nakuba ube khona umonakalo kodwa akuzange kube khona imiphefumulo elahlekayo noma abalimalayo.