ICEKELE phansi imizi nempahla, basala bengenamakhaya abantu kuhlasela imvula ehambisana nesichotho ngoMsombuluko ebusuku, eMgungundlovu.
Ishaye kwazwela imvula ebihambisana nesichotho ezindaweni ezakhele isifundazwe.
Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu esifundazweni, izindawo ezakhele oMasipala waseMsunduzi, iHarry Gwala nowaseMzimkhulu, zithintekile ngenxa yalesi simo. KuMasipala waseMsunduzi, kuphephuke uphahla lwemizi eMbali, eFrance, nakwaMpumuza.
Okhulumela umnyango uMnuz Siboniso Mngadi, uthe amathimba abo abhekelele izinhlekelele ahlola umonakalo futhi ayaqhubeka nokulekelela imindeni ekhahlamezekile.
“Imibiko esisayitholile, iveza ukuthi imizi eyisikhombisa icekeleke phansi yaphela kanti ewu-19 ithintekile. Lesi sigameko sishiye abantu abayisikhombisa bengenamakhaya. Akukabikhona zigameko zabalimele noma abashonile ezibikiwe. Amathimba ethu ahlola umonakalo nasendaweni yaseMzimkhulu,” usho kanje.
UMphathiswa womnyango uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, udlulise amazwi okuzwelana nemindeni elahlekelwe yimpahla ngemva kwemvula.
“Amathimba ethu ahlola umonakalo ukuze asize imindeni. Sixhumene neminye iminyango okubalwa owezokuHlaliswa kwaBantu nowezokuThuthukiswa koMphakathi ukuthi ilethe usizo oludingekayo,” kusho uNkk Sithole-Moloi.
Uxwayise umphakathi ukuthi uhlale uqaphile njengoba kusalindeleke ukuthi siqhubeke isimo sezulu esingesihle.