KUMNYAMA kubantu abalinganiselwa ku-87 abashelwe yimijondolo ebalelwa ku-52 eSiyathuthuka, eKenville, eThekwini, ngoMgqibelo.
Ngokusho kosekomitini le-ward kule ndawo, uMnuz Mashinini Nkosi, akukacaci ukuthi yini ebe yimbangela yomlilo.
Ekhuluma neSolezwe, uchaze ukuthi uphathiswe uphiko lwezinhlekelele kule ndawo, wathi ngesikhathi eyihambela uthole ukuthi yize kungafanga muntu, futhi engekho olimele kodwa abantu baphume nebebekugqokile kuphela.
Uthe emva kokuthintwa kwekhansela lendawo kanjalo nophiko lwezinhlekelele ngaphansi kukaMasipala weTheku, abagilwa bathole usizo lwezingubo zokulala, izipontshi nokudla.
Nokho ukhale ngokuthi bagcine belala emnyango.
“Sibone imvula kanjalo nokwanda kwezigameko zobugebengu, ngathinta iziphathimandla, zathembisa ukuthi kuzolethwa itende ukuthi balale kulo abantu kodwa ligcine lingafikanga,” kulandisa uNkosi.
Uqhube wathi okubakhathazayo ukuthi abantu abaphephile nhlobo kule ndawo njengoba bebulawa mihla namalanga.
“Sinovalo lokuthi bangagetshengwa njengoba behleli emnyango,” kusho yena.
Uthe kwaziswe noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke, nathi uvame ukusiza abashelwe ngempahla yokwakha ukuze bavuse imijondolo yabo, wathi nokho bebengakezwa mpendulo kuwona kodwa badinga usizo masinyane ngoba abantu abakwazi ukuqhubeka bahlale esigangeni.
Ukhale ngokuthi sekungokwesikhombisa kusha umlilo endaweni eyodwa kule mijondolo.
Ebalula isintu, uthe kwasha ingane kule ndawo, yashona kanye noyise maqede imiphefumulo yabo yangalandwa.
Uthe kuleso sigameko ngesikhathi isha ingane ngaphakathi emjondolo, uyise wathi uyazama ukuyikhipha, naye washa.
“Ingane yashonela endaweni yesigameko, kwathi yena washonela esibhedlela. Lesi sigameko senzeka eminyakeni emine edlule,” kulandisa uNkosi.
Uthe basola ukungalandwa kwemiphefumulo yabo ngalo mlilo ohlasela uphindelela endaweni eyodwa.
Ikhansela lendawo, uMnuz Ashok Maharajh, lithe yize lingakayihambeli indawo yesigameko, kodwa libikelwe ngaso.
“Ngiwuthintile ngokushesha umasipala, ngizwa ngabasekomitini ukuthi bafikile abezinhlekelele belethe olunye usizo, kwaphinde kwafika nabenhlangano engenzinzuzo iRed Cross nabo belethe usizo,” kusho uMaharajh.
Uthe okumkhathazayo ukuthi bebengakalutholi usizo lwenye indawo yokuthi bafihle amakhanda.
“Bengingakatholi mpendulo kumasipala ngalokho,” kusho uMaharajh.
Uthembisile ukuthi uzoya kobabheka abagilwa uma ephuma emhlanganweni ntambama izolo.