KUQHUME umkikizo kubasebenzi baseTransnet Car Terminal ngesikhathi befaka imoto ka-600 000 emkhunjini ngoLwesithathu.
Bebekikiziswa wukuqopha umlando wokuhambisa izimoto eziwu-600 000 ezinyangeni eziwu12 emazweni angaphandle.
Isikhulu esiphezulu seDurban Terminals kwaTransnet, uMnuz Earle Peters, sithe ekuqaleni konyaka bebengazitsheli ukuthi kuzoshaya lesi sikhathi sebehambise izimoto eziwu-600 000 emazweni angaphandle.
“Unyakamali wethu uqala ngo-Ephreli uphele ngoMashi. Lezi zimoto eziwu-600 000 sizihambise kwamanye amazwe emuva kwezinyanga eziwu12. Siyaqala ukwenza lokhu njengoba sijwayele ukuhambisa ezingaphezulu kuka-400 000. Sizimisele ukuqhubeka naleli rekhodi elihle, sinyuse isibalo sezimoto esizihambisa kwamanye amazwe,” kusho uPeters.
Uthe basebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukufeza izinhloso zohlelo lwezezimoto luka-2035 oluhlose ukuthi iNingizimu Afrika ikhiqize izimoto eziningi ezingeni lomhlaba.
Umshayeli obefaka imoto ka-600 000 emkhunjini, uMnuz Simphiwe Ngcobo, uthe ujabule kakhulu ukuqopha umlando ngoba basebenza ngokuzikhandla nozakwabo ukuqinisekisa ukuthi izimoto zingena ngesikhathi emkhunjini.
UMnuz Selvan Pillay oyiGeneral Manager eMOL Ace South Africa, okuyinkampani yomkhumbi obuzolanda izimoto echwebeni laseThekwini, uncome iTransnet ngokubhukula emuva kweCovid-19, izikhukhula nezinye izingqinamba ebibhekene nazo.
Uveze ukuthi umkhumbi wabo ufike kusasele izinsuku ezimbili kunalezo obulindelwe ngazo kodwa awuzange upake isikhathi eside, kunalokho ungenisiwe echwebeni wakwazi ukuthulula izimoto.
“Siyajabula ukuba yingxenye yalo mlando oqoshwe yiTransnet Car Terminal, lo mkhumbi wethu mkhulu kakhulu, ukwazi ukulayisha izimoto ezingaphezu kuka-7000. Ufike nezimoto, ogandaganda, izithebe zamaloli ezizodayiswa kuleli njengoba usubuyela emuva namaToyota Hilux nezinye izimoto. Izimoto esizithatha lapha eThekwini ziya eSpain, United States, Australia nakwamanye amazwe,” kusho uPillay.
Uthe basebenza kuwo wonke amachweba akuleli kodwa eThekwini bafika kaningi belethe impahla futhi baphinde balayishe enye abazohamba nayo.