BABONGA usizo lweSolezwe onogada baseRK Khan, abaqashwe yinkampani entsha emuva kokuthi leyo abebeyisebenzela iMafoko Security Patrols, ikhale yemuka nemiholo yabo.
Ngesonto eledlule Isolezwe lihambele eRK Khan, lapho onogada bebekhalaza, badalula ukuthi inkampani ebibaqashile ayibaholelanga imiholo yangoJuni.
Babe sebewushiya umsebenzi baqhinqa ngaphandle kwesibhedlela ngethemba lokuthi iMafoko Security Patrols, izobaholela kodwa ayizange ibanike imali yabo.
UMnyango wezeMpilo waqoka enye inkampani ukuthi ibhekelele ezokuphepha ngesikhathi usafuna inkampani ezongena igxile esibhedlela.
Umholi we-ActionSA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango wabona ividiyo yeSolezwe lapho onogada babekhala ngesimo sabo, wabe esebathinta wathembisa ukuthi uzongenelela kulolu daba.
Uye wabhalela uNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo uNksz Nomagugu Simelane, neNhloko yoMnyango uDkt Sandile Tshabalala, ecela ukuthi bangenelele.
Ubuye wathinta uMnuz Calvin Mathibeli, weCalvin and Family Group, ecela ukuthi aqashe onogada abalaxazwe yiMafoko Security Patrols.
Onogada batshele Isolezwe ukuthi babizelwa kwinhlolokhono yiCalvin and Family Group, baphumelela base beyaqashwa.
“Siyabonga kakhulu kwiSolezwe ngokungenelela kwalo ngoba likwazile ukusitholela usizo. Yize iMafoko ingasiholelanga kodwa sesithole umsebenzi kwiCalvin and Family Group,” kusho onogada.
UMncwango uthe yizindaba ezimnandi ukuthi onogada baqashiwe wathi isiyabonakala iminyakazo ye-ActionSA.
UMathibeli, uthe inhloso yakhe njengoba esebanikeze umsebenzi wokuqapha eRK Khan, akusho ukuthi ukuqeda imisebenzi yonogada akade besebenza khona kudala.
Uthe onogada abafike kwinhlolokhono baqashiwe futhi bazosebenza kahle ngoba akazwani nokubona abantu beswele umsebenzi.