ABANIKAZI bemfuyo sebeyivalale ezibayeni ngenxa yokungcoliswa yiCaustic Soda kwamanzi omfula uMsunduzi eMgungundlovu.
Kuthiwa imfuyo isiphuza emakhaya emuva kokuba umfula ungcoliswe wukuchitheka kwekhemikhali eMsunduzi naseNanda Dam. Kuthiwa iCaustic Soda ingene emfuleni kusukela ngoLwesithathu isuka kwenye yamafemu.
Umgwedli wezikebebhe, uMnuz Jaftah Elephant wasoPhokweni, KwaNyavu, uthe isimo sisesibi.
U-Elephant, ohlala eduze komfula uMsunduzi, uthe baqala ukubona kushintsha amanzi ngoLwesithathu. Kulandele ukuthi bathole ofishi abafile ngaphandle komfula.
“Bengiqala ukubona le nto selokhu ngahlala eduze komfula. Amanzi ashintshe aba mhlophe, ngabona ukuthi kukhona okungahambi kahle ngoba ngike ngasebenza naseMgeni Water.”
Uthe bangene imizi ngemizi bexwayisa umphakathi ukuthi ugweme ukusebenzisa amanzi nokuphuzisa imfuyo emfuleni.
Uthe akukho mhlangano womphakathi obiziwe kodwa bayaqhubeka nokuxwayisa ngengozi yamanzi.
“Wonke umuntu uyivalele emakhaya imfuyo. Izingane sicele ukuthi zingadlaleli emfuleni ngoba akuphephile. Inkinga wukuthi asazi ukuthi isimo sizothatha isikhathi esingakanani. Sibone abanye abantu beqoqa ofishi ngamasaka, okungenzeka ukuthi bazobadayisa.”
Ikhansela, uMnuz Siphiwe Ngidi, lithe bakhiphe izimoto zomkhandlu ukuthi zimemezele ngombhobho ukuxwayisa umphakathi. “Kukhona abathunyiwe ukuzohlanza umfula, baqoqe nofishi. Umbiko engiwutholile ukuthi kusekhona ofishi abangaqoqiwe okungadala ingozi kubantu. Sisaqhubeka nokuxwayisa abantu ukuthi bangabadli labo fishi ngoba akuphephile,” kusho uNgidi.
Uthe uyethemba nokuthi ifemu ethintekayo izosizana nabo kule nkinga. Uveze ukuthi ngenxa yokuthi imfuyo ayisakwazi ukuphuza emfuleni, abenhlangano iGift of the Givers bafikile ukuzonikela ngamanzi emphakathini.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe basebenza kanzima neminye iminyango ukuxazulula udaba.Uthe abefemu iWillowton Oil Mills bajube izinkampani ezithize ukuthi zihlanze umfula.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe umphakathi uzokwaziswa uma sekuphephile ukuphuza amanzi anenkinga kodwa okwamanje akuphephile.