UBONGE ukuphuma ‘eGibhithe’ omunye wamalungu omphakathi waseMbumbulu onikelelwe ngendlu izolo, ohlelweni lwenhlangano iHabitat for Humanity nabakwaSamsung.
UNkk Mary Bhengu (85), ucule ingoma yesonto wabiza indlu entsha ngeParadesi, ethi usezoke ahlukane nokusekela ngezitsha evikela amaconsi emvula. UNkk Bhengu ongumfelokazi, ungomunye wabathathu abanikelelwe ngezindlu ngaphansi kohlelo lweHabitat lokusiza umphakathi.
“Bengingazi ukuthi ngiyoke ngibuyelwe isithunzi, ngingene eParadesi. Aningibongiseni bo, ngiphumile eGibhithe. Ngisho sengingahamba manje ngilandele umyeni wami, sengiyoshiya izingane zami ekhaya elihle kangaka,” kusho uNkk Bhengu.
Omunye wabanikelelwe nguNksz Thandisile Bhengu, othe bebehlala endlini enamakamelo amathathu nekarawondi. Uthe babikela ikhansela kanti bazoba nenhlanhla yokungena ngaphansi kohlelo lokwakhelwa ngabakwaHabitat. UNksz Bhengu uthe uhlala nabazukulu ababili abangasenabazali.
UNkk Khekhi Gumede uthe ubehlala endlini yodaka enamakamelo amathathu. Yadilika kuhlasela izikhukhula muva nje.
Oyisikhulu esiphezulu sakwaHabitat for Humanity, uMnuz Patrick Kulati, uthe inhloso yabo akukona ukwakha izindlu kuphela kodwa ukwakha ubumbano nangezinhlelo zabo. Uveze ukuthi baluqale ngo-2017 lolu hlelo lokwakha izindlu ezingu-1 000 ezindaweni ezisemakhaya, okumanje sebakhe uhhafu wazo.
“Sihlose ukwakha amakhaya sibuyise nethemba emphakathini. Asigcini ngalokho kodwa umphakathi esifika kuwona siwulekelela ngokuqeqesha amakhono. Sizokwakha kuma-ward amane kule ndawo sisizana nezinkampani ezizimele,” kusho yena.
UMnuz Sung Yoon, oyisikhulu esiphezulu sakwaSamsung Electronics Africa, uthe bazoqhubeka nokubambisana nabakwaHabitat ukwakha izindlu nangonyaka ozayo kuze kuphele lolu hlelo. Uthe kulo nyaka bagxile kulesi sifundazwe ukuxhasa ekwakheni izindlu nakwezinye izinhlelo zokusiza umphakathi.
“Ngonyaka odlule sakha izindlu ezilishumi eGauteng. Ngeke sikwazi ukusiza umhlaba wonke kodwa kancane kancane singawenza umehluko emphakathini uma sibambisene,” kusho uYoon.
Lo mcimbi wokuvulwa kwezindlu uhanjelwe nanguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala. Uncome izinhlaka ezifake isandla kulolu hlelo okubalwa noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni. Uncome abakwaSamsung ngokungena ezindaweni zabantu njengoba besanda kuvula nesikhungo sokuqeqesha intsha kwezobuchwepheshe KwaMashu.