UHLELI lubhojozi umphakathi waKwaNongoma emuva kokuthi kudutshulwe amabhubesi amabili kodwa elinye lakwazi ukubaleka okuyimanje ligcwele amathafa.
Umphakathi waseMasokaneni nowaseNgolotsha uhleli kanzima emuva kokuthi sekuphinde kwakhona elinye ibhubesi elizicanaselayo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Nhlanhla Mthembu, lithe kubonakale amabhubesi amabili ngoMsombuluko. “Elinye ilungu lomphakathi libone amabhubesi amabili laphuthuma layobikela amanye amalungu omphakathi kwathintwa nabezeMvelo KZN Wildlife abafikile bawadubula. Kufe elilodwa elinye labaleka.”
Uthe amalungu omphakathi asahlalele ovalweni ngoba leli bhubesi alikatholakali kanti futhi kuthiwa liyingozi njengoba lilimele.
UMthembu uthe okubajabulisayo njengomphakathi ukuthi sekunokusebenzisana okuhle phakathi komphakathi nabezeMvelo KZN Wildlife.
Uthe abantu abadlelwe imfuyo ngamabhubesi sebenikiwe izinxephezelo zabo nobekuvame ukuthi kube yinto ethatha isikhathi eside. Uthe okunye okubaphathe kahle ukuthi sekungenelele noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube athe ubefikile ezoxoxisana nomphakathi ngesimo samabhubesi nezinye izinkinga ezithinta umphakathi.
Okhulumela iDA kwezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Heinz de Boer, uthe uma abaphathi abakhulu behluleka ukunakekela amapaki kufanele bathathelwe izinyathelo ezinqala.
Uthe bakholwa ukuthi kule minyaka yezimali emithathu ezayo isabelomali sezeMvelo sizokwehla ngamaphesenti amahlanu, kuphinde kwehle ngamaphesenti ayisithupha bese kuphinde kwehle ngayisikhombisa.
Uchaze ukuthi lokhu kuzobeka i-Ezemvelo KZN Wildlife ezinkingeni ezinkulu zezimali nokuzokwenza bangakwazi ukulungisa uthango nezimoto ezintsha.
“Umsebenzi wabo wokuvikela izilwane zasendle uzobanzima. Kulesi simo esikhona sezimali sesiqalile sibona izinja zasendle namabhubesi ebaleka. Asazi ukuthi kuzokwenzekani eminyakeni emithathu ezayo,” kusho uDe Boer.
Uthe kuzodingeka ukuthi kulethwe uhlelo olusha lokubhekana nezinkinga ezikhona Ezemvelo KZN Wildlife. Uthe kuningi okudinga ukuthi kulungiswe kwezeMvelo.