ZIBALELWA ngaphezulu kuka-80 izakhamizi zaseNingizimu Afrika eseziboshiwe kulandela umbhikisho we-Economic Freedom Fighters oqhubeka ezifundazweni ezahlukene kuleli namhlanje.
Uphiko lwezokuphepha iNational Joint Operational and Intelligence Structure (NATJOINTS) iveza ukuthi emahoreni angu-12 adlule seluvalele abantu abawu-87 ebebeyingxenye yombhikisho ohambisana nodlame emphakathini.
Okhulumela iNATJOINTS uBrigadier Athlenda Mathe uthe selokhu uqalile umbhikisho, lolu phiko lusebenza ezifundazweni ezahlukene ukuvimbela ubugebengu kanjalo nokubhekana nezephulamthetho.
"Kulaba abawu-87 ababoshiwe, abawu-41 baboshwe eGoli, abawu-29 eNorth West bese kuba abawu-15 eFree State. Kuphinde kwaboshwa naseMpumalanga kanjalo nase-Eastern Cape," kusho uBrigadier Mathe.
Ephetha uthe nakanjani amaphoyisa azolokhu eyithumela imibiko evelayo mayelana nokwenzeka ezweni namhlanje.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu balokhu benameka izithombe nama video akhombisa izindawo ezahlukene sekuvalwe imigwaqo, nokungakacaci ukuthi ngabe kuyiqiniso kangakanani lokhu.