BANINGI abantu besifazane abamnyama abasebenzisa imikhiqizo ehlukene eshintsha ibala lesikhumba sabo sikhanye noma basebenzise imikhiqizo yokuthi bangagugi.
Lokhu kushiwo uNkk Futhi Mkhize owudokotela owenza imikhiqizo yokwelapha neyesikhumba esebenzisa owoyela namakhambi emvelo, iPhyto Medicine, obuye abe nomkhankaso ogqugquzela ukuthi abantu bangasebenzisi imikhiqizo ekhanyisa ibala, iNgimnyama Ngimuhle, ephawula nge-video yomlingisi , uKhanyi Mbau ebisabalele ezinkundleni zokuxhumana.
UMbau ubethi kade ehlinzwa elungisa ubuso okunye bekungezwakali kahle ngoba ubesavuvukele kodwa ubesho ukuthi i-video uyenze ngemuva kwamahora amane ehlinziwe.
Kuyo ubengacacisi igama lokwelashwa kwakhe kodwa abaningi bathe ubenza iFace Lift Sugery.
UNkk Mkhize, uthe kungenzeka ukuthi okukaKhanyi sekudlulele noma yena akesabi ukuphumela obala ngendlela azizwa ngayo, kodwa baningi abantu besifazane abamnyama abangazethembi ngebala labo abasebenzisa imikhiqizo eminingi eyehlukene ukuze bakhanyise isikhumba ngoba bekholwa ukuthi uma ukhanya umuhle.
“Ukuba nemibimbi indalo ekhombisa ukuthi usukhulile. Ungakwazi ukuzivocavoca ngendlela yokuthi kungasheshi kodwa hhayi ukuthi kungenzeki. Ikhona nemikhiqizo yemvelo eyenza okufanayo. Ukuba nemali kwenza ukuthi abantu bakhethe izinto abacabanga ukuthi zisebenza kahle kodwa ezinobungozi okungenzeka bungelapheki,” kusho yena.
Imibono yabantu ngesithombe sakhe ezinkundleni zokuxhumana beyehlukene, abanye bemgxeka, abanye behleka bethi uthenge ubuso obusha.
UKhulasande Duncan Mashinini, uthe: " UMichael Jackson wethu,"
UThaah Nzwakele Dube, uthe: " Shembe useyiShayina-ke manje uKhanyisile kodwa yini?,"
USane MaNgwane Khanyile, uthe:" Cha uNkulunkulu ungizonda ngempela imali uyinika abantu aba-wrong,"
I-website yeMayo Clinic, ithe abenza i-face lifting surgery basuke befuna ukuhlale bebukeka bebancane, befuna nokulungisa izinkinga zesikhumba esigqunqile. Ithe bukhona ubungozi obungaba obesikhashana noma unomphela.
Ithe ukuvuvukala emahoreni okuqala angu-24 yinto ejwayelekile eyelaphekayo.
"Uma uke wakhuluphala noma wancipha, ukuma kobuso bakho kuyaphazamiseka," kuchaza i- website.