BANGAPHEZULU kuka-300 000 abantu ababulawa yisifo sofuba eNingizimu Afrika ngonyaka.
Inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO) njengoba bekuwusuku lokuqwashisa nokufundisa ngalesi sifo emhlabeni ngoLwesihlanu, ithe lesi sifo sibulala abantu abangu-1.6 million ngonyaka, abangu-300 000 kubo abaseNingizimu Afrika.
UMqondisi weWHO e-Afrika, uDkt Matshidiso Moeti, uthe yize izibalo zabantu ababulawa iTB e-Afrika ziphezulu kodwa izwe likwazile ukwehlisa izibalo zabashonayo.
"Ngo-2015 kuya ku-2021 i-Afrika ikwazile ukwehlisa isibalo sababulawa yilesi sifo ngo-26%. Umbuzo okumele sikwazi ukuwuphendula manje akusewona owokuthi singakwazi yini ukuyiqeda iTB kodwa sekumele kube ukuthi singayiqeda ngokushesha okungakanani?" kubuza uDkt Moeti.
Amasu amasha okubhekana nalesi sifo abekwe yiWHO athi kumele amazwe ehlise isibalo sababulawa yisifo sofuba ngo-90% ngo-2030, isibalo sabahaqwa ileli gciwane sehle ngo-80%.
Le nhlangano ithi ngokubona kwayo izibalo zababulawa yilesi sifo yize silapheka zinyuswa ukuthi imikhankaso yokuhlolwa kwabanaso ayikafinyeleli esigabeni esifanele, ukuze kwelashwe bonke abatholakala benaleli gciwane. Iningi labanalesi sifo basuke bengazazi nokuthi banaso okuholela ekutheni silokhu sanda isibalo sabashonayo.
Usihlalo weSouth African National Aids Council (SANAC), obuye abe yiphini likamengameli uMnuz Paul Mashatile, uthe iNingizimu Afrika isisesigabeni sokuqala uhlelo lokusetshenziswa lwamasu amasha okulwa nalesi sifo ukuze siqedwe ngo-2030.
Uthe imikhankaso yokulwa nalesi sifo iphazamisekile ngesikhathi kuneCovid-19 kodwa manje uMnyango wezeMpilo usuluqalile uhlelo lokubheka bonke abanaleli gciwane abangaziwa nalabo abangaluphothulanga uhlelo lokwelashwa ngesikhathi kuhlasele iCovid-19.
"Sesisebenzisa imishini emisha esezingeni eliphezulu ekwazi ukuthola ukuthi umuntu unaso isifo ngalolo suku, kungalindwa izinsuku ngaphambi kokuthi kuphume imiphumela, lokho kuzosiza ekutheni abanalesi sifo batholakale ngokushesha, baqale ukwelashwa," kusho uMashatile.