KUDONSWE ngendlebe abantu ukuthi bangakhithizi kakhulu “endalini” yeBlack Friday njengoba ucwaningo luveza ukuthi bacwile ezikweletini.
Inhlangano esiza abacwile ezikweletini iDebt Busters, iveze ukuthi abantu bakuleli basebenzisa imali eningi bekhokhela izikweletu.
Abahola phakathi kuka-R20 000 noR35 000 yibona abacwile kakhulu ezikweletini ngokocwaningwo lwekota yesithathu yonyaka lweDebt Busters. Kuvele ukuthi basebenzisa ngaphezu kuka-67% womholo wabo ukukhokhela izikweletu.
UMnuz Benay Sager oyiNhloko yakwaDebt Busters, uveze ukuthi abantu basaqhubeka nokucela ukwelulekwa ngezikweletu nokuthi behliselwe imali abayikhokhayo.
Uthe abahola uR20 000 izinga lezikweletu zabo lisuke ku-115% laya ku-108% kanti elabahola uR35 000 lisuke ku-189% laya ku-164%.
Lokhu uthe akusho ukuthi abasenazo izikweletu eziningi ngoba banezikweletu eziningi kunakuqala.
Uveze ukuthi ukucela ukwelulekwa ngezikweletu kunyuke ngo-28%.
Ubalule ukunyuka kwemali mboleko njengenye yezinto enyusa izikweletu zabantu ngoba uma inyuka kusho ukunyuka kwenzalo ekhokhwa ngabantu.
UMnuz Dick Forslund ongusomnotho wenhlangano i-Alternative Information & Development Centre, uthe akaboni ukuthi abantu bazoba nemali yokukhithiza ngeBlack Friday ngenxa yokuthi banezikweletu eziningi.
“Abantu abanayo imali yokukhithiza ngeBlack Friday ngoba imali mboleko ibashiya bengenalutho. Ucwaningo lwethu lukhombisa ukuthi abantu basalele emuva ngezinyanga ezintathu kuya kwezine ezikweletini zabo. Izikweletu abazikhokhelayo izindlu, izimoto, amakhadi ezitolo nama-credit card,” kusho uForslund.
Udonse abantu ngendlebe wathi bangakhohlishwa yizitolo ezithi “zinendali” ngeBlack Friday ngoba akukho ndali.
“Izitolo zifike zithi impahla yehlile ngeBlack Friday kodwa empeleni isuke ibiza imali eyayibiza yona ezinyangeni ezimbili ezedlule. Uma ungumuntu ongayinaki intengo yempahla ezitolo ungabona sengathi kusuke kunendali kodwa iqiniso lithi akukho ndali ngeBlack Friday, kukhohliswa abathengi,” kusho uForslund.
UMnuz Lee Soobrathi oyi-Consumer Goods and Services Ombudsman, udonse abathengi ngendlebe wathi bangadlali amaqola enza sengathi anezitolo online.
USoobrathi uthe abantu abaqinisekise ukuthi imali yabo abayisebenza kanzima bayikhokha emuva kokuthola impahla yabo.
Ubacele ukuthi babheke intengo yempahla abayibona isendalini ukuthi yayibiza malini ezinyangeni ezidlule. Babheke ukuthi izitolo abathenga kuzo zinayo yini impahla eziyidayisayo ngoba ezinye zidayisa impahla engekho.
Uthe uma impahla isishibhe kakhulu lokhu okwenza usole ukuthi sengathi ayikho le nto edayisawayo kusho ukuthi ayikho.
Ubacele ukuthi baqaphele ama-website abathenga kuwo ezitolo za-online, bafunde kahle nezinkontileka abazisayinayo uma bethenga.
Uthe kufanele bafunde imigomo nemibandela nemithetho yokubuyiselwa kwempahla ukuze bangabi nenkinga uma kukhona okungalungile kuyona.
Uphethe ngokuthi abantu kufanele bafunde ngamalungelo abo futhi bagcine amarisidi ukuze uma impahla yabo ikakhulu ekagesi iba nenkinga bayibuyisele esitolo.