BANIKWE izinsuku eziyishumi abasebenzi bakaMasipala weTheku abebesesitelekeni esingekho emthethweni ukuthi babeke izizathu eziqinile zokuthi kungani kufanele bangaxoshwa.
Lokhu kuvezwe uNkk Gugu Sisilana esitatimendeni asithumelele abezindaba izolo.
Ngokusho kwakhe, bangu-79 abasebenzi abanikwe izincwadi kanti basebenzela izinhlaka ezehlukene. Bazibandakanye esitelekeni esaqala ngoFebhuwari 27.
Abasebenzi abebetelekile bafuna ukuthi umasipala ubaholele amaholo alingana nawalabo abasebenza imisebenzi efana neyabo abasebenza komasipala abasezingeni elilingana nowabo, benza isibonelo ngowaseKurhuleni.
“Mayelana namaholo asesigabeni seshumi, kufanele kuqondwe ukuthi udaba lwamaholo ezisebenzi zikaMasipala weTheku lusadingidwa ezingeni likazwelonke,” kusho uNkk Sisilana.
Uqhube wathi selokhu siqalile isiteleka kube khona ukusatshiswa kwabasebenzi okuholele ekutheni kuphazamiseke ukuhanjiswa kwezidingo ebantwini.
Phakathi kwazo ubale amanzi, ukuqoqwa kukadoti kanjalo nokulungiswa kukagesi.
Uthe ezigamekweni ezehlukene bekuba khona ukucekelwa phansi kwengqalasizinda yokuhanjiswa kwalezi zidingo.
“Ngokusebenzisana nezinhlaka zamaphoyisa nabezokuphepha, umasipala uyaqhubeka nokuqinisekisa ukuthi isimo siyabuyiselwa kwesejwayelekile. Lokhu sikwenza nangokuthi uma kudingeka ukuthi kuyolungiswa endaweni ethile, kucelwe amaphoyisa ukuthi aphelezele abayokwenza lowo msebenzi. Sibala ukuhlanzwa kwemigwaqo, ukulungiswa kukagesi, amapayipi amanzi anqanyuliwe nokuqoqwa kukadoti,” kwenaba uNkk Sisilana.
Uthe banxusa izakhamuzi ukuthi zingaqale ziwukhiphe udoti ziwubeke ngaphandle kuze kube ukuthi umasipala ukhipha isimemezelo sokuthi ziwukhiphe.
“Siyaxolisa nakosomabhizinisi nakumalungu omphakathi akhahlanyezwe isiteleka, sicela ukuthi sibekezelelwe ngesikhathi silungisa umonakalo,” kusho yena.
Usomabhizinisi wesifazane wakwaF KwaMashu, uNksz Thobile Dlamini, uthe lesi siteleka sishaye kwezwela ebhizinisini lakhe lokubhaka nokupheka.
“Emizamweni yokwenza imadlana, ngiye ngithenge isitokwe kakhulu. Ukuhamba kukagesi, kushaye kwazwela kimina ngesitokwe engisigcina efrijini ngoba sonakale sonke, ngagcina ngingasasithengi esiningi ngenxa yokuhamba kukagesi okuqhubekayo,” kusho uNksz Dlamini.
Uthe lokhu kuholele ekutheni bagcine bengasawathathi ama-oda ansuku zonke, nokubalahlekisele ngemali.