KUSUKE isidumo ehostela labesifazane iThokoza, eThekwini, ngesikhathi betholana phezulu namaphoyisa bebhikishela ukungabi nawo ugesi osekungenele eviki lesibili bengenawo.
Laba besifazane bavuke umbhejazane bashisa amathayi, bebulala namabhodlela, baphinde bavala umgwaqo uYusuf Dadoo ngenxa yokunengwa yindaba kagesi neyenza babolelwe ukudla okugcinwa emafrijini.
Kuphazamiseke izimoto kulo mgwaqo njengoba ugcine uvaliwe kungavunyelwe ukuthi izimoto zidlule, nabebebhikisha bezijikisa. Kugcine kufika amaphoyisa ophiko olubhekelele udlame emphakathini nakamasipala, kwafika nendiza enophephela emhlane ebilokhu indiza ngaphezu kwalapho bekubhikishwa khona.
Amaphoyisa agcine ephoqeleke ukuthi asebenzise izinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza isixuku sabesifazane abebengagayelwe mphako nokuholele ekukhalelweni ngamasongo kaSigonyela kwabesifazane abahlanu.
Kulokhu kungqubuzana phakathi kwamaphoyisa nalaba besifazane, ababili badubulekile. Omunye udubuleke ehlombe kwathi omunye wadubuleka ezinqeni ngesikhathi amaphoyisa ehlakaza isixuku.
Owesifazane obeyingxenye yombhikisho ongathandanga ukudalulwa, utshele Isolezwe ukuthi sebeze baphelelwa nayimali yokuthenga ukudla ngenxa yokuthi ugesi abanawo.
“Sekuphele izinsuku eziyisikhombisa ugesi singenawo, asidli ngenxa yokuthi ugesi asinawo. Yingakho sinqume ukungena emgwaqweni mhlawumbe izikhalo zethu zizozwakala uma senza kanje. Noma kunzima kodwa sizoyibamba ngoba wathinta abafazi wathinta imbokodo,” kusho lo wesifazane.
USihlalo we-Economic Freedom Fighters (EFF) KwaZulu-Natal, uMongezi Thwala ekhuluma nabezindaba, uthe isimo abantu abahlala kuso emalokishini nalapha edolobheni asisihle.
“Kuyacaca ukuthi ubuholi baseThekwini abusafuni ukunikeza abantu izimfuno nokulethwa kwezidingo. IMeya yeTheku uMxolisi Kaunda akafuni ukulalela abasebenzi abafuna izimfuno nabalwela amalungelo abo njengoba ecasha ngokuthi lesi siteleka asikho emthethweni. Njengeqembu le-EFF ngeke sithule sibukele abantu bakithi bephila ngaphansi kwalezi zimo. Sizophuma sime nabantu bakithi silwe nobuholi baseThekwini ukuqinisekisa ukuthi bayazithola izidingo njengoba bekhokha intela. Abantu bakithi bayayihlonipha imigomo ebekwe umasipala njengoba wona umasipala uhluleka ukuhlinzeka abantu ngamanzi, ugesi nokuhlanza iTheku.” kusho uThwala.
Uthe abahambisani nobulelesi babantu abalimaza ingqalasizinda, amaphoyisa nomthetho awubhekane nabo. Uthe bazoma nabasebenzi ukuze imiholo yabo ilinganiswe neyabanye abasebenzi abasebenza komasipala abakhulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, ukuqinisekile ukuthi abesifazane abahlanu baboshiwe kanti bavulelwe icala lokuphehla udlame emphakathini.
“Icala lokuphehla udlame emphakathini liyaphenywa ngamaphoyisa ase-Durban Central emva kokuthi amalungu omphakathi abebhikisha eshise amathayi futhi aphonsa nezinto ebhekise emaphoyiseni. Kuboshwe abasolwa abahlanu ngecala lokuphehla udlame kanti bazovela enkantolo maduzane,” kusho uLieutenant Gwala.
Ikhansela lendawo, uMnuz Ntando Khuzwayo, likhuluma neSolezwe lithe imizamo yokuwulungisa ugesi iyaqhubeka.
"Okwamanje akukho engingakubika ngoba le ndawo efile yindawo kamasipala. Siqashe izinkontileka ezizimele ukuzama ukuwulungisa futhi nginesiqiniseko sokuthi namuhla (izolo) singase silale usukhanya," kusho uKhuzwayo.