KUGQAME ubumbano kubaphathiswa baKwaZulu-Natal abake bajamelana phambi kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini noMengameli Cyril Ramaphosa.
Undunankulu kaZulu ophathiswe uMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Thulasizwe Buthelezi, noMphathiswa wezokuThutha, uMnuz Siboniso Duma, bakhombise ubumbano ngesikhathi kugujwa uMkhosi weLembe.
UButhelezi noDuma baba nesiwombe esibi ngasekuqaleni kwalo nyaka ngesikhathi kunomcimbi wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo.
Kulowo mcimbi owawukwaCeza, uDuma wayabula kabuhlungu umbhobho ngesikhathi uButhelezi ethula inkulumo.
Emva komcimbi uButhelezi noDuma baphenduka inkukhu nempaka.
Kepha eMkhosini weLembe konke bekukuhle kulaba baholi.
Ubumbano lwabo lugqame kakhulu ngesikhathi uButhelezi encoma uDuma phambi kwezinkumbi ebezithamele umkhosi obungoLwesibili.
Ngesikhathi uButhelezi ethula iSilo, uncome umsebenzi owenziwe uDuma ukwelekelela abantu abebebhajwe emgwaqweni njengoba belikhithikile ngempelasonto.
Laba baholi baqhamuka emaqenjini ezepolitiki ehlukene, uButhelezi uyilungu lesigungu esiphezulu kwi-IFP, uDuma uwusihlalo we-ANC KwaZulu-Natal.
Baqale ukubuyisana emva kokubambisana kwamaqembu abo kuhulumeni wokubambisana ophethe isifundazwe. Bake baba nomhlangano wokuthelelana amanzi.
Nakuba sekunesikhathi bathelelana amanzi, uDuma ubesanyamanambana emabuthweni abefuna ukuthi ashweleze eSilweni.
Ngesikhathi kunomcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, amabutho acula ingoma egadla kuDuma.
Muva nje uDuma usanda kushweleza eSilweni. Ekhuluma eMkhosini weLembe, uDuma uthe konke sekuhamba kahle.
UDuma uthe uze washutha isithombe esihle nomholi wamabutho owayehamba phambili ecula iculo elimgadlayo ngesikhathi kuvulwa isiShayamthetho, uMntwana uNkinobho Zulu.
Obambe njengondunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa, uthe basebenzisana kahle kuhulumeni wokubambisana.
UKaMadlopha-Mthethwa uthe abakhohlwe abacabanga ukuthi uzohlakazeka uhulumeni ophethe isifundazwe.
UKaMadlopha-Mthethwa uthe ukwakhiwa kukahulumeni wokubambisana kuyafana nokwenziwa iSilo uShaka kaSenzangakhona ngesikhathi sibumba isizwe samaZulu.
“ILembe labumba isizwe esihlonishwayo nesisatshwayo ngokuhlanganisa amakhosi ahlukene. Ungafunga ukuthi iLembe lalazi ukuthi ngelinye ilanga esifundazweni salo kuyoba nohulumeni wokubambisana, inhlosongqangi yawo, Silo Samabandla, ngukubumbana nokuhloniphana ukuze silethe intuthuko kubantu bonke beSilo.
“Nokho bakhona Hlanga Lomhlabathi abaphuma eceleni njengojosaka – abafunga bagomele ukuthi lo hulumeni wokubambisana uzoshabalala okwelanga libona amazolo. Njengokuyalela kwakho Silo Samabandla, siyabezwa kodwa asibalaleli.”