UYAVEVA yintukuthelo owesilisa waseNkumba, eBulwer, ocasulwe yisenzo sabantu besifazane abahlanu bobulili obufanayo, abafike kwakhe bethi bazocela isihlobo esihle.
UMnuz Tholamasu Nxumalo (64), uthi akubonile uyokuxoxela amagwababa echobana. Elandisa uthi uthole ukuthi abesifazane bebethunyelwe ngomunye wesifazane, othandana nendodakazi yakhe endala uNksz Nomthandazo Nxumalo (37).
UNxumalo uthi sekuphele iminyaka emihlanu bexabana nendodakazi yakhe bebanga indaba yokuthi ithandana nabanye abantu besifazane. Uthi akasazi ukuthi enze njani ngoba lento iyamhlukumeza emphefumulweni. Uyavuma ukuthi abesifazane abebethunyiwe ubahubhe ngesibhamu ngenxa yokuhluthuka kwenhliziyo.
"Angiyazi mina lento ukuthi isho ukuthini ngampela. Akukho engingazange ngikwenze ngibonisana nendodakazi yami mayelana nalolu daba kodwa kuvele kube nhlanga zimuka nomoya,'' usho kanjena uNxumalo.
Uyise wentombazane uqhuba athi abesifazane ebebefikile kwakhe bebethunywe nguNksz Nonhlanhla Mthembu (37).
"Le ntombazane yakwaMthembu, sengikhulume nayo kaningi ngiyazisa ukuthi ayihlukane nomtanami kodwa ayingizwa,'' kuchaza uNxumalo.
Isolezwe Ngempelasonto lixhumane nendodakazi kaNxumalo, uNomthandazo. Eziphendulela ulimise ngesihloko elokuthi uyazifela kakhulu ngowesifazane athandana naye.
Kodwa uthe umangele ngoba ubengazange amazise ukuthi kukhona abesifazane azobathumela ukuzoxoxisana noyise. Uthe kusobala ukuthi ubehlose ukummangaza ngenhloso yokumjabulisa.
"Bebebefuna nokumbonisa ubaba ukuze aqonde ukuthi akukho okubi uma ngithandana nomunye wesifazane,’’ usho kanjena uNksz Nxumalo.
UNksz Mthembu okuthiwa ubethumele abesifazane kwaNxumalo uthe, uyathandana noNomthandazo wathi akaliboni futhi iphutha lapho. Uthe angamfela uNomthandazo ngendlela amthanda ngayo futhi uzimisele ukuthi benze konke okusesikweni ukuze babe ngunkosikazi nendoda.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi ababoni ngaso linye uNxumalo nomkakhe uNkk Nxumalo, babanga indaba kaNomthandazo.
“Umama kaNomthandazo akaliboni iphutha ekutheni indodakazi yakhe ithandane abanye besifazane,’’ kulandisa umthombo.
Izithandani zilibeka lime elokuthi akukho okuzoma endleleni yazo noma uNxumalo angashaya phansi ngonyawo kodwa ngeke kushintshe lutho ngothando lwabo.