Izindaba

Bakhala ngokuphenduka inhlekisa odokotela abangatohozi eKZN

Sabelo Nsele|Published

ODOKOTELA abangasebenzi baqhinqe eHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, befuna ukuqashwa

Image: Sabelo Nsele

BAKHALA ngokuphenduka inhlekisa emphakathini odokotela baKwaZulu-Natal, ababhuquza emakhaya neziqu zeminyaka eyisishiyagalolunye. 

Labo dokotela bathe ukungawutholi kwabo imisebenzi emva kokufunda isikhathi eside kangaka, kuzokwenza ukuthi intsha ingakuboni ukubaluleka kokufunda. 

Bakusho lokhu ngesikhathi beqhinqe eHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, eMgungundlovu, izolo. 

Bafunge ngokuthi bazoqhinqa kuze kube uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, ufeza isethembiso sokukhangisa imisebenzi yodokotela. Ngokwezibalo zabo, bangu-137 odokotela abangaqashiwe KwaZulu-Natal.

Abanye baqede ukufunda ngo-2023, abanye baqede ngonyaka odlule.

UDkt Nobuhle Makhanya uthe abantu bayazibuza ukuthi kungani ebhuquza neziqu yize kuhlezi kuthiwa bayashoda odokotela?

"Abantu abafani, abanye abaqondi ukuthi kungani sihleli emakhaya. Sigcina siphenduka inhlekisa ukuthi asiwutholi umsebenzi emva kokufunda iminyaka engaka. Kwabanye babona sengathi siyavilapha ukufuna imisebenzi njengoba kukhona inkolelo yokuthi thina bantu abasha siyavilapha. Le nto isifakela ingcindezi, abanye bagcina beba nokhwantalala."

UDkt Makhanya uthe awukho umnyakazo owenziwa uMnyango wezeMpilo, yize kwezinye izifundazwe sebeqashiwe odokotela abangasebenzi kulandela isimemezelo sikaNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi, sokuthi kuzoqashwa odokotela abangu-1 200 kuzwelonke.

"Side isikhathi sizama ukuxoxa nabaphethe umnyango esifundazweni. Ziningi izethembiso abangazigcinanga. UMphathiswa (uNksz Nomagugu Simelane) akafuni ukuzoxoxa nathi. Sihlezi simbona ehambela izibhedlela nakuma-podacast kodwa akanaso isikhathi sokuhlangana nathi. Ingakho sesifuna ukuba kungenelele uNdunankulu (uMnuz Thami Ntuli)."

UDkt Thamsanqa Zakwe uthe impilo imile njengoba bengasebenzi.

"Abanye banemindeni, banezingane. Abanye bese bethenge imizi. Njengoba bengasasebenzi nje, imizi iyadliwa. Abantu bazokubona kanjani ukubaluleka kwemfundo uma kunabantu abahleli ekhaya namajazi?"

UZakwe uthe bayazi ukuthi bayashoda odokotela ezikhungweni zempilo KwaZulu-Natal.

"Odokotela basebenza amahora amade ngenxa yokuthi bayashoda. Iziguli azikutholi ukunakekelwa okufanele. Ingakho nje esibhedlela eMshiyeni, udokotela owayesaqeqeshwa aphoqwa ukuthi asebenze noma egula. Iqiniso lithi kwakungafanele udokotela osaqeqeshwa afakelwe ingcindezi yokuba asebenze noma egula. Kufanele engabe umnyango uqasha thina esihleli emakhaya."

UZakwe uthe abayicabangi eyokusebenzela izibhedlela ezizimele noma eyokuya emazweni angaphandle.

"Ngeke sithi sifunde ngemali yabantu abakhokha intela bese siyosebenzela izibhedlela ezizimele. Lokho kusho ukuthi abantu kuzofanele ukuthi bakhokhe ukuze bathole usizo lwethu. Sizolwela ukuthi basiqashe. Siyazi ukuthi sekuze kwamukeleka emphakathini ukuthi kunenqwaba yothisha nonjiniyela abangasebenzi. Asifuni nakuthina ukuba kugcine sekuyinto eyejwayelekile."

Ihhovisi likaNtuli noMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, abazange bayiphendule imibuzo abayithunyelwe.