AMAQEMBU epolitiki ePhalamende akhala ngokungabibikho kohlelo olucacile lokulwa nabaqola ngodli amalungu omphakathi nosomabhizinisi bathathe kubo imali abayibiza ngeyokubavikela (edume nge-protection fee), okuyisihlava esibukeka sisabalala nezwe lonke.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, ubethulela amalungu ePhalamende likazwelonke e-Cape Town, phakathi kokunye - izinhlelo umnyango wakhe onazo ukulwa nalobu bugebengu obuhlalise kabi umphakathi.
UMchunu uveze ukuthi sekuqalwe uhlelo lokusebenzisana olubizwa nge-Operational Plan olufaka phakathi zonke izinhlaka ezilwa nobugebengu okubalwa kuzona amaphoyisa, izinkampani zonogada ezizimele nabamakomiti abhekelele ubugebengu emphakathini okuhloswe ngalo ukulwa nobugebengu ezifundazweni nakomasipala abehlukene.
“Ukusayinwa kwesivumelwano salolu hlelo sekwenziwe esifundazweni i-Western Cape. Maduze luzokwethulwa edolobheni i-Nelson Mandela Bay esifundazweni i-Eastern Cape njengoba sekuvunyelwene ngalo. Ngesonto elizayo lethulwa eGauteng bese kuthi KwaZulu-Natal lethulwe ngomhla ka-19 no-20 kule nyanga,” kusho uMchunu.
Uthe amaphoyisa ayabhekana nalezi zigameko, kodwa izigebengu zikhombisa ukuphikelela. Uqinisekise ukuthi nakuba kunjalo kuyogcina wona. Ubalule isigameko sokuboshwa kwabathathu eGauteng, abaqhuba lobu bugebengu, kanti bathathu esifundazweni iMpumalanga okuthiwa balandelwa ngamaphoyisa. Abane bafe bedubulana namaphoyisa eCape Town, kwalimala abane, kanti ababibili basagcwele amathafa.
Uveze ukuthi umphakathi uyabika ngezigameko kodwa akwenele. Uthe kunesidingo sokuthuthukiswa kwezibunhloli ukubhekana nalesi sihlava. Ukhale ngohlelo lokukhululwa kweziboshwa ngoshwele, waveza ukuthi bazolubheka noMnyango wezoBulungiswa, njengoba ethi ziningi iziboshwa ezikhululwa ngalo, ngaphambi kwesikhathi okunomthelela ezingeni lobugebengu obubatshazwayo.
UDkt Quinton Ndlozi we-EFF ukhale ngokungabibikho kweqhinga elicacile lokuvika lobu bugebengu.
“Abantu bafuna ukuzwa ukuthi yiliphi iqhinga uhulmeni azolenza ukulwa namaqembu ezigelekeqe athatha ngodli o-30% kosomabhizinisi abanikezwe imisebenzi kahulumeni. Lokho kwenza uhulumeni angakwazi ukusebenza emazingeni aphansi. Izigameko ziyabikwa emaphoyiseni, kuphela azishaya sabantu abangazi ukuthi lobu bugebengu buyenzeka. Umphakathi uyabazi abantu abawuhlalise lubhojozi,” kusho uNdlozi.
UMnuz Vuyo Zungula we-ATM, uthe kumele imikhankaso yokukhuculula ngobugebengu efana nobonakale wenziwa ePhoyinti eThekwini, ngesonto eledlule, yenziwe nakwamanye amadolobha.
“Kumele kukhishwe amaphoyisa akhohlakele. Umnyango kumele utshale amaphoyisa ophiko lwamabherethi (Tactical Response Team) emigwaqweni ethile ukulwa nobugebengu. Kumele akhulule amaphoyisa azivikele, uma ebhekene nezigebengu, angavikeli izigebengu ukwedlula wona,” usho kanje.
UMnuz Nsikayezwe Cebekhulu we-IFP, uthe lobu bugebengu obudlangile bucacisa ukuthi azikho izinhloli ezanele, okwenza elakuleli kube yikamachanca.
UMnuz David Sikhosana we-MK, uthe uphiko oluphenya ngokuziphatha kwamaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate, kumele luqinise isandla ekuphenyeni amaphoyisa njengoba kunezinkomba zokuthi kukhona amaphoyisa asebenzisana nabaqhuba lobu bugebengu.