NJENGOBA namhlanje kugujwa usuku lothisha emhlabeni jikelele, izinyunyana zothisha zithi izikole seziphenduke izindawo eziyingozi njengoba abafundi nezigebengu zibahlalise lubhojozi.
Izinyunyana zithi othisha kabasaphephile futhi nohulumeni akukho akwenzayo njengoba izigebengu zizingenele zifike zenze noma yini kubona.
Okhulumela iSadtu, uNksz Nomusa Cembi, uthe othisha bathwele kanzima, kabaphephile ezikoleni.
Uthe bagcwelezwa ngabafundi, abanye babo kuze kushiselwe nezimoto zabo.
“Okubuhlungu ngukuthi abanye bafela ezikoleni bebulawa. Indaba yokuphepha kwabo kumele ibe seqhulwini.”
UMengameli weNatu, uMnuz Sibusiso Malinga, uthe ezokuphepha yizona ezibaphethe kabi ngoba uhulumeni akenzi lutho ukubavikela.
Uthe emahhovisi kahulumeni onogada bahlomile bayingozi kodwa ezikoleni kukhona abantu abadala abaphatha izagila abagada abafundi nothisha.
“Njengoba kugujwa usuku lothisha namhlanje akukho okuningi esikujabulelayo ngoba asiphephile. Nohulumeni akafuni ukusikhokhela ngendlela efanele, ekubeni kuyithina esifundisa isizwe.”
Uthe umsebenzi wothisha uwubizo ngakho babalulekile emhlabeni.
NeCosas izwakalise ukuzwelana nothisha, yathi kumele kwenziwe okuthile ukuze bavikeleke.
UNobhala jikelele weCosas uTebogo Magafane, uthe abafundi bahlasela othisha ngakho kabaphephile.
Uthe ezikoleni akuphephile, abekho onogada ekubeni emahhovisi ongqongqoshe kugadiwe.
“Ezikoleni zethu uthola abantu abadala abaphatha imvubu noma isagila begade othisha. Kugujwa usuku lothisha ngaphansi kwezimo ezinzima zokungaphephi kwabo.”
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, ekhuluma kwiNational General Council yeSadtu eGoli izolo, uvumile ukuthi othisha babhekene nenkinga enkulu yokungaphephi ezikoleni.
Uthe kubuhlungu kuyena uma kubulawa uthisha emagcekeni esikole.
Ubalule ukuthi njengoba kugujwa usuku lwabo namhlanje, mkhulu umsebenzi owenziwa ngothisha emhlabeni jikelele.
“Othisa bayikho konke futhi benza yonke into. Uthola uthisha engusonhlalakahle, engumbelethisi, aphinde abe ngumzali. Siyawubonga umsebenzi omuhle abawenzayo.”
Uthe babhekana nezinto eziningi, okubalwa ukukhulelwa kwabafundi nezinye izinkinga.
“Othisha kumele bazi ukuthi sibakhathalele singuMnyango wezeMfundo. Asifuni bacabange ukuthi asinendaba nabo kanjalo nokuphepha kwabo.”