INHLANGANO emele inkolo yamaSulumane iThe South African Muslim Network (Samnet) KwaZulu-Natal ikhala ngesikole esimise umfundi okuthiwa uyeke intshebe wangayigunda ngoba elandela inkolo yakhe.
Kuthiwa iGreytown High imise umfundi kaGrade 11 ngoba eyeke intshebe yakhe ngenxa yokulandela inkolo.
Ekhuluma nelinye lamaphephandaba, udadewabo uthi umfowabo waqala ukuyeka intshebe yakhe ngesikhathi somvalelandlini ehlonipha imigomo yenkolo yabo.
Uthi kubaphatha kabi ukuthi umfowabo uzizwa ebandlululwa ngoba kudala egqigqiswa ehhovisi likathishanhloko kwaze kwabizwa abazali babo bayalelwa ukuthi ashefe intshebe yakhe zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa.
USihlalo weSamnet, uDkt Faisal Suliman uthi ukuyeka intshebe akuyona into entsha. Uthe zikhona izikole ezivumela abafundi ukuthi bangayishefi intshebe.
“Kuyishwa ukuthi lesi sikole sithathe isinqumo esifana nalesi. Kuyaziwa ukuthi imigomo yenkolo yobuMuslim kubantu besilisa ithi kumele bakhulise intshebe. Umthetho uyamvikela lo mfana kodwa akumele size siye enkantolo ukubhekana nezimo ezifana nalezi,” kusho yena.