KUKHALWA ngesihluku okubulewe ngaso owesifazane othandana nabobulili obufanayo waKwaMakhutha, ngaphandle kwaseThekwini, okuthiwa udlwenguliwe, wasikwa isisu wakhishwa amathumbu wabe esenqunyiswa okwembuzi.
UNksz Anele Bhengu (22) utholwe ebulewe ngeSonto ekuseni.
Ngokusho kukanina omncane kamufi, uNksz Nontokozo “Nonto” Bhengu, umufi wathathwa wumngani wakhe eyovakasha wangabe esabuya.
“Isigameko senzeke kuthangi (ngoMgqibelo) ebusuku, watholwa ngeSonto ekuseni ebulewe. Nguyena umngani wakhe ofikile ezosibikela ukuthi utholwe ebulewe elahliwe. Umngani wamlanda baya naye kubo. Ngokusho kukamngani wakhe, u-Anele waphuma eya ethoyilethe elingaphandle wangabe esabuya. Ubulewe kabuhlungu, udlwenguliwe, wakhishwa amathumbu, wanqunywa intamo,” kusho uNksz Bhengu.
Uthe ngokwabo bebengamazi enesitha futhi ukuthandana kwakhe nabantu bobulili obubodwa bekungeyona into ebike ivele iyinkinga emphakathini.
“Ubengenaso isitha. Yingane ebithandwa yiwo wonke umuntu. Ubekade enzeni kubani? Akekho umuntu ongakhali elokishini ngokushona kwakhe. Besazi futhi simeseka ngokuthandana nabobulili obufanayo. Akaze asatshiswe nokwenza sidideke ukuthi kungani ebulewe. Siyekelela umthetho ukuba ubophe abasolwa,” kusho uNksz Bhengu.
KuFacebook sekusungulwe ikhasi lokuzama ukulwisana nokubulawa kwalabo abathandana nababobulili obufana nobabo nokutholwa kwababulali bakhe elithi-#Justice for Anele Bhengu.
UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ukugxekile ukubulawa kwalo wesifazane ngesihluku.
UNgqongqoshe walo mnyango, uNkk Nonhlanhla Khoza, unxuse amaphoyisa ukuba abophe abasolwa, kwathunyelwa nosonhlalakahle ukuba beyolekelela umndeni kulesi simo.
“Sonke kumele sisebenzisane ukulwisana nodlame esifundazweni. Kumele udaba lokubulawa kwabathandana nobulili obufanayo lubhekisiswe futhi kuliwe nalesi sihlava. Asazi ngempela ukuthi yini kube nenzondo engaka ebhekiswe kulabo abathandana nobulili obubodwa. Sifisa umphakathi usebenzisane namaphoyisa, uhulumeni nezinye izinhlaka ukuqeda lesi simo esisibona sanda. Kuyethusa ukubulawa komuntu ngesihluku esingaka, adlwengulwe, agwazwe, anqunywe uqhoqhoqho nesisu sakhe basisike sivuleke, into ebuhlungu engamukelekile,” kusho uNkk Khoza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala ngokubulawa kwalo wesifazane.
“NgoJuni 13 ngo-7 ekuseni kubizwe amaphoyisa endaweni yesigameko athola owesifazane ebulewe. Ubenamanxeba amaningi okugwazwa, imbangela yokubulawa kwakhe ayaziwa,” kusho uCol Mbele.