UNDUNANKULU kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usifanise nokunikela ngeSilo ezitheni isinqumo sebhodi leNgonyama Trust, sokungaphinde sikhokhele abameli beMbube uma kunamacala athinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
Isibophezelo sokuthi Ingonyama Trust angeke iphinde ikhokhele abameli beSilo uMisuzulu kaZwelithini senziwe eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ngoLwesihlanu.
Inkantolo ibilalele icala elifakwe uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, ofuna ukuthi Ingonyama Trust nohulumeni waKwaZulu-Natal bengazikhokheli izindleko zabameli beSilo uma kunamacala athinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
UButhelezi uthe isibophezelo sabameli beNgonyama Trust sikhombisa ukuthi ibhodi elisha alinendaba neSilo.
Ukusho ngesikhathi ekhuluma nabaNtwana baseNdlunkulu abezokweseka iSilo. “Banikela ngeSilo ezitheni ekubeni yona le Ngonyama Trust kungeyeSilo.” kusho uButhelezi.
Uthe bafuna ukubikela amakhosi ngale nkinga, uphinde wakhala nangokuthi iminyango kahulumeni ebimangalelwe neSilo kuleli cala, ikhombise ukusilahla iSilo.
“Kusobala ukuthi sebesikhaphele iSilo. Kufanele siwabikele amakhosi ngale ngozi elengele uZulu,” esho.
Ummeli weNgonyama Trust, u-Advocate Alastair Dickson, uthe angeke baphinde bakhokhele abameli beSilo.
Inkantolo izwe ukuthi Ingonyama Trust ikhokha isikweletu sezigidi zamarandi sabameli abadala beSilo, iStrauss Daly.
AbeStrauss Daly babemele iSilo emacaleni ayethethwa eMgungundlovu, isikweletu sabo singabalelwa kuR8 million.
UDickson uthe isivumelwano sokuthi Ingonyama Trust ikhokhe lesi sikweletu senziwa yibhodi elidala elaliholwa iJaji uJerome Ngwenya.
“Lena inkinga esayifica uma siqokwa. Senza isibophezelo sokuthi angeke siphinde sikhokhele izindleko zabameli,” kusho uDickson.
Uqhubeke ngokuthi asikho isidingo sokuthi Inkantolo ikhiphe isivimbelo sokuthi bakhokhele abameli beSilo ngoba benze isibophezelo sokuthi angeke baphinde benze into efana nale.
“Uma umuntu evuma iphutha lakhe, ethi bengidakiwe, angeke ngiphinde, asikho isidingo sokuthi umjezise ngoba uyalivuma iphutha lakhe. Nathi siyasho ukuthi angeke siphinde,” kugcizelela uDickson.
Ummeli kaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, u-Advocate Muhammad Suleman, uthe uhulumeni waKwaZulu-Natal kufanele ulekelele iSilo.
USuleman uthe umthetho olawula isikhwama esibhekelele izidingo zeNdlunkulu, iRoyal Household Trust, ubanikeza igunya lokuthi balekelele iSilo ngezidingo zaso.
Ummeli weSilo, u-Advocate Jonny Klopper, uthe uMntwana uMbonisi akanalo igunya lokufaka icala.
“Ulifaka icala njengobani. Lapha emaphepheni asenkantolo uthi ufaka lesicelo egameni labaNtwana baseNdlunkulu.
“Uma kunjalo kufanele engabe kwaba nomhlangano womndeni, waqokwa njengomuntu ozomela umndeni,” kusho u-Advocate Klopper.
Isinqumo sigodliwe.