KUGQUGQUZELWE abashayeli nabanikazi bamatekisi ukuba bazivocavoce emarenki, baqinisekise ukuthi ayikho neyodwa ingozi ezokwenziwa amatekisi ngoKhisimusi.
Lo mkhankaso wokuhambela amarenki bewenziwe yiSouth Africa National Taxi Council (Santaco) erenki yaseChesterville, eThekwini, izolo.
Osomatekisi nabanikazi bamatekisi bayeke ukudlala amakhadi neminye imidlalo enedumelo erenki bazivocavoca.
Bese bejuluke bemanzi. Abanye bekucaca ukuthi bathwele kanzima, kulukhuni satshe ukunyakazisa izinyawo nezisu zibavimbela ukuba bafole ngendlela.
IPhini likaSihlalo weSantaco, uMnuz Sifiso Mthethwa (osesithombeni esishuthekiwe) lithe bafuna ukutshala imbewu enhle yokuba osomatekisi uma besalinde ukulayisha bazivocavoce, ukuze babe nomdlandla futhi bakwazi nokugwema izingozi.
“Sifike sibafundise indlela yokuzivocavoca imizimba ukuze bezohlala besesimeni esikahle sempilo. Sifuna kungabi khona ingozi ezodalwa yitekisi ngoba nakhu umshayeli ekhathele nomzimba wakhe ungekho esimeni. Nabanikazi bamatekisi asifuni ukuthi uma bezobheka umsebenzi bafike bahlale. Sifuna banyakazise umzimba,” kusho uMthethwa.
Umkhankaso wokuhambela amarenki uqale ngoNovemba 6, uzophothulwa ngesonto elizayo.
“Esikushumayela kakhulu njengoba sihambela emarenki ahlukene, ukuba ngalo Khisimusi kungabi nezingozi ezidalwa amatekisi. Kumele abe sesimweni esihle sokuthwala abantu, nejubane eliphezulu yinto esingafuni nokuyibona. Njengoba silapha eChesterville sibafundisa ukuba bayilalele imithetho yemigwaqo futhi babaphathe kahle abagibeli,” kusho uMthethwa.
UMnuz Jabulani “Mjay” Khambule we-Hlokomela, uthe itekisi ezotholakala inamathayi angekho esimeni esikahle bazoyimisa, behlise abagibeli.
“Sibhekela ukuphepha kwabagibeli. NgoDisemba 16 noDisemba 24 sisebenza usuku lonke sigadile ukuthi umsebenzi uhamba ngendlela,” kusho uKhambule.
UMthethwa uwukhuzile umkhuba wokubulalana kosomatekisi wathi amaphoyisa ngeke abayeke abatholakala bethinteka ezigamekweni zokubulala.
“Ukubulawa kwabantu embonini asikukhuthazi. Ababulali sithembe ukuthi amaphoyisa azobabopha. Kumanje sinesimo esibhekene naso eSigodini, sokuhlaselwa kosomatekisi kodwa sesithumele ithimba lethu ukuxazulula isimo. Abantu abasebenzisa loya mzila ngokungekho emthethweni kuyalelwe ukuba baboshwe,” kusho uMthethwa.