UGCULISEKILE umphakathi wasePhongolo izolo ngenkathi umshayeli weloli eyabulala abangu-20, kuN2, ehoxa ekufakeni isicelo sebheyili.
UMnuz Sibusiso Siyaya (28) ubevele okwesibili eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo izolo kanti bekulindeleke afake isicelo sebheyili kodwa washaya ingwijikhwebu, wanquma ukuthi aqhubeke nokuhlala esitokisini.
Amalungu omphakathi, abehambele leli cala ngenhloso yokufaka ingcindezi ekutheni umsolwa anganikezwa ibheyili, athe ayasithokozela isinqumo sokuthi aqhubeke nokutoka ngesikhathi kuqhubeka icala.
UMnuz Jabulani Hansen, oyilungu lomphakathi, uthe ukungaphumi kwakhe ngebheyili kube yisinqumo esihle.
“Siwumphakathi sisayine incwadi yokukhankasa esinxenxa ngayo inkantolo ukuthi umsolwa anganikwa ibheyili. Nakuba sibuhlungu kakhulu ngokwenzeke kule ngozi kodwa siyajabula ukuthi ekugcineni uMnyango wezokuThutha usuqalile uyalubhekisisa udaba lwalo mgwaqo njengoba zikhona izethembiso ezenziwe ngungqongqoshe walo mnyango,” kusho uHansen.
Kuke kwaba nokuphikisana enkantolo ngesikhathi ummeli kamsolwa enxusa ukuthi abezindaba bangamthwebuli izithombe, eveza ukuthi lokhu kuzobeka engcupheni impilo yalowo ammele. Umbuso ukuphikisile obekushiwo ngummeli, wathi umsolwa uvele usemehlweni omphakathi ngakho ukumfihla angathwetshulwa kuzobe kungasibona ubulungiswa emphakathini.
Inkantolo ilihlehlisele u-Okthoba 25 leli cala.
Kwi-video eyaqoshwa ngamakhamera omgwaqo, ikhombisa ukwenzeka kwengozi, kubonakala iloli okukholakala ukuthi yayishayelwa nguSiyaya isika enye endaweni okungavunyelwe ukuthi izimoto zisikane khona.
Yanqwamana neveni eyayithwele abafundi ebonakala kulo mfanekiso izama ukuvika iloli kodwa ngenxa yezinsimbi ezigudle unqenqema lomgwaqo, iloli yagcina iyishayisa okuvela ukuthi yayidudula ibangana ukusuka lapho yayishayisa khona.
Ekhuluma emngcwabeni obunomunyu wabangu-14 abafe kule ngozi ngempelasonto, uNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Fikile Mbalula, uthembise ukuthi kuzotshalwa amaphoyisa omgwaqo athe xaxa kule ndawo ukugwema izingozi ezidalwa ngabaphula imithetho emgwaqweni.