BASWELE amaphiko okundiza osomabhizinisi baKwaZulu-Natal abathole izitifiketi eziklelisa izindawo zabo ngenkanyezi eyodwa.
UNkk Bronwen Auret oyi-chief quality assurance officer kwiSouth African Tourism, uthe baqale uhlelo lokuqeqesha osomabhizinisi abanezindawo zokuhlala abantu emakhaya nasemalokishini ngo-Okthoba 2021, e-Eastern Cape kwathi sebebona ukuthi luyasebenza baludlulisela KwaZulu-Natal ngoNovemba 2022 lwaphela ngoNovemba 2023.
“Inhloso yalolu hlelo wukuqinisekisa ukuthi akekho osala ngemuva kwezokuvakasha, bonke abantu bayangena kulo mkhakha kusukela kwabasemalokishini nabasezindaweni zasemakhaya. KwaZulu-Natal siqeqeshe osomabhizinisi abawu-210 kodwa bawu-150 abathole izitifiketi ezinenkanyezi eyodwa. Lokhu kusho ukuthi uma izivakashi zifuna izindawo zokuhlala ezithembekile zizobona zona kuqala,” kusho uNkk Auret.
Uthe emabhizinisini ase-Eastern Cape abawasizile, bathole ukuthi asethola izivakashi unyaka wonke okusho ukuthi nabantu bahlale besebenza.
UNkk Lungile Hlabisa weMbopha Guest House esoLundi, uthe sisho lukhulu isitifiketi ngoba manje abantu bazokwazi ukuthi yize besendaweni esemakhaya kodwa izinga labo liphezulu futhi bathembekile.
Uthe ukuba sohlelweni lokuqeqeshelwa inkanyezi kwenza abantu basheshe bazi ngabo.
UMnuz Luyanda Khoza weVikama Guest House esoLundi , uthe ukuba nenkanyenzi kuyawenza umehluko ngoba ngisho uhulumeni uyabaletha abantu abazohlala endaweni yabo.
UNksz Busi Mhlongo wendawo yokuhlala izivakashi ekwaP nakwaN KwaMashu, Umusa Guest House, uthe bayajabula ukuthi izindawo zabo zombili sezinesitifiketi senkanyezi eyodwa.
Uthe ibhizinisi lihamba kahle ngoba ukuqeqeshelwa inkanyezi kubavulela amathuba okuthenjwa yibo bonke abasemkhakheni wokuvakasha.
Ubalule ukuthi izindawo zabo zisetshenziswa ngisho nayizinhlelo zethelevishini eziqoshwa KwaMashu okubalwa Uzalo, Imbewu neminye imidlalo.
Uveze ukuthi sebedale amathuba omsebenzi awu-15 kanti bazimisele ukudala eminye njengoba benethemba lokuthi zizokwanda izivakashi ezibahambelayo