CELANI SIKHAKHANE
S ICASULE abaholi abaphezulu beNFP isenzo sentsha yaleli qembu eGoli sokuhlaba ikhwelo lokuba kubuyiswe uMnuz Bheki Cele esikhundleni sokuba nguMkhuzi wamaPhoyisa ngoba kunenkolelo yokuthi nguyena ongakwazi ukulwisana nobugebengu.
UNobhala Jikelele weNFP uSolwazi Nhlanhla Khubisa, uthe kuyihlazo ukuthi kungaba nabantu abakuleli qembu abangaqhuba umkhankaso wokuba kubuyiswe uCele ekubeni kwazi wonke umuntu ukuthi waxoshwa.
“Thina siyiNFP sithi akuqokwe umuntu okhona ngaphakathi embuthweni wamaphoyisa onamagalelo amgunyaza ukuba angazithatha izintambo zokukhuza amaphoyisa.
“Indaba kaCele siyaziqhelelanisa nayo ngoba kuyaziwa ukuthi watholwa engakufanele ukuphatha amaphoyisa waze waxoshwa ngisho wuMengameli,” kusho uKhubisa.
Intsha yaleli qembu ibithi ifuna okungenani uCele ayofakwa esifundazweni iGauteng ngoba liphezulu izinga lokubulawa kwabantu namaphoyisa.
UKhubisa uthe baningi abantu emaphoyiseni asebenesikhathi beyibambile futhi abanamakhono adingekayo okuthi bakwazi ukungena esikhundleni somkhuzi wamaphoyisa.
UNobhala wentsha yeNFP eGauteng, uMnuz Sabelo Dlamini, uthe kuyacaca ukuthi abaholi babo baphila komunye umhlaba uma bezochitha indaba kaCele ekubeni isimo sisibi abantu bebulawa kabuhlungu yizigebengu.
“Okokuqala, ngiyabona ukuthi thina lapha eGauteng nabaholi bethu kuzwelonke sihola izinhlaka ezingafani ngendlela abakhuluma ngayo.
“Bekungabakuhle ukuthi basithinte noma basibize basho lokho abangakuthandi esikwenzile kunokuba baqhamuke sebesihlasela kwabezindaba.
“Ngaphandle kwalokho wonke umuntu ohlala eGauteng uyasibona isidingo sikaCele ngenxa yokuthi amaphoyisa abulawa phambi kwabantu bebuka, amalungu omphakathi adutshulwa emini kubukwa ebanjwa inkunzi yizigebengu,” kusho uDlamini.
Uthe okunye abaholi beNFP okumele bakuqonde wukuthi uCele akazange atholwe yinkantolo enecala waze waboshwa ngoba ukube kunjalo ngabe akazange aqokelwe isikhundla sokuba yiphini likaNgqongqoshe wezoLimo, amaHlathi nokuDoba kuleli.