INHLANGANO engenzi nzuzo, i-Asime Women, ihloniphe ngeziqu zamabhizinisi intsha enamabhizinisi angakachumi, ngaphansi kohlelo, iNew Venture Creation, lapho kucijwe khona intsha ngolwazi namasu okuthuthukisa amabhizinisi ayo.
UNksz Mpume Nzama we-Asime Women ekhuluma neSolezwe emva komcimbi obungoLwesithathu eDLI Hall, eGreyville, eThekwini, uthe ukweswela kwentsha amathuba emisebenzi, yikho okwenze benza lolu hlelo ukuyisiza, ikakhulu eyesifazane enamabhizinisi nefisa ukuwaqala.
“Yingakho sihlangane nabeFoodBev SETA ukwenza lolu hlelo lokucija intsha ngamasu okuchuma kwezamabhizinisi, ikakhulu ngoba baningi abantu abasha abafunde bagogoda kodwa ayikho imisebenzi. Sikholwa wukuthi lesi kuzoba yisiqalo esihle nesizothela izithelo ezinhle kubhekwe phambili,” kusho uNksz Nzama.
UNksz Zanele Sibiya (24) waKwaMashu, umnikazi weVuka Uyibambe Cooperative, ongomunye wabawu-92 abathweswe iziqu, uthe ulwazi aluthole ngokucijwa unyaka wonke yi-Asime Women, luzomsiza ukuthuthukisa ibhizinisi lakhe.
“Ngisizakale kakhulu ngoba ngifunde ukufaka izicelo zokuxhaswa, ngafundiswa nokubaluleka kokuzimela, wukuzethemba nokusebenza kanzima, angeke ngisalinda ukwenzelwa yonke into ngabanye abantu,” kusho yena..
UMnuz Siphiwe Mpungose, umzali wezingane ezintathu ezithweswe iziqu, uthe ujabule kakhulu ngokuthi izingane zakhe abezivele zinebhizinisi lokulima, iVezukukhanya Business Enterprise, zithole ulwazi oluzozisiza ukuthuthukisa ibhizinisi.
UNksz Nokuthula Selamolela weFoodBev Seta ebixhase lolu hlelo, uthe kubajabulisa kakhulu ukubona intsha isihlonishwa ngeziqu emva kokucijwa yi-Asime Women. Uthe akakungabazi nakancane ukuthi ulwazi ecijwe ngalo lwanele ukubeka amabhizinisi ayo kwelinye izinga.
UMnuz Nhlakanipho Nkontwana woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uthe bekufanele bafake isandla kulolu hlelo ukwenza isiqiniseko sokuthi intsha enamabhizinisi iyachuma kuwo ukuze ifukule umnotho wesifundazwe.