IZIHLATHI zivakashele izindlebe kubantu baseHambanathi, oThongathi, ngesikhathi iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ivula kabusha ichibi lokubhukuda obesekuphele izinyanga livaliwe ngenxa yezikhukhula.
Leli chibi livulwe ngoMgqibelo kanti uKaunda uveze ukuthi belivaliwe ngenxa yomonakalo owadalwa yizikhukhula zango-Ephreli, wonyaka odlule, ezamosha ingqalasizinda ehlukene.
“Izikhukhula zangonyaka odlule zidale umonakalo omkhulu kwingqalasizinda. Umokanalo waholela ekutheni izikhungo zethu eziningi zingasebenzi okubalwa nabo oswimming pool,” kuchaza uKaunda.
UMasipala weTheku unamachibi okubhukuda awu-54 kanti uhhafu wabo usuvuliwe, amanye asalungiswa.
“Sizoqhubeka nokwakha amachibi okubhukuda ikakhulukazi emalokishini nasemakhaya. Siyakugxeka ukucekelwa phansi kwengqalasizinda kamasipala. Siyacela umphakathi ukuthi uyivikele ngoba yingqalasizinda yawo,” usho kanje.
Ngaphandle kwechibi lokubhukuda lwaseHambanathi oluvuliwe, nawa amanye avuliwe; Buffelsdale, Verulam, Stanmore, Rainham, Durban North, South Beach Paddling, Umgababa, Pipeline Paddling, Tiger Rocks, Inyoni, Ansteys Paddling, uMlazi D, Lt King, Merewent, Tesoriere, Tills Crescent, Bellair, Alex Bulley, Lamontville, Arena Park, Bayview, Croftdene, Lahee Park, Westville, Mariannridge, Nagina, Kings Park Indoor, Kings Park Outdoor neSutton Park.