ABASEBENZI benkampani kahulumeni ekhiqiza izikhali, iDenel bafuna ukunyuselwa amaholo ngo-15%.
Laba basebenzi bathe sekuphele iminyaka emihlanu benganyuselwa amaholo futhi inkampani ingabafakeli imali esikhwameni somhlalaphansi.
Izolo baqhinqe ngaphandle kwamahhovisi eDenel, ase-Irene, eGauteng.
UMnuz Mbuso Ngubane, oyiPhini likaNobhala Jikelele weNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), uthe kunomkhankaso wokuwisa iDenel ngamabomu owenziwa ngabafuna ukuyidayisela osomabhizinisi abazimele.
Ubalule ukuthi abasebenzi baqale ukuthwala kanzima ngesikhathi amabhizinisi kahulumeni esaphethwe nguMnuz Pravin Gordhan, ongasekho.
“Abasebenzi bafuna ukunyuselwa amaholo ngo-15%. Bafuna kubuyiswe imihlomulo yabo yempesheni ngoba umqashi wayeka ukuyikhokha ngesikhathi ethi lokhu kwenzelwa ukuhlenga iDenel. Njengoba abanye abasebenzi betomula imali esezikhwameni zempesheni, abasebenzi baseDenel abakwazi ukutomula. Bathwele kanzima ngoba amaholo abo awanyuki.”
Uthe okwamanje abasebenzi basaqhinqile okusho ukuthi basebenzisa ikhefu labo lokudla, ukuzwakalisa ukungenami kodwa uma IDenel ibaziba bazowuqinisa umkhankaso.
Uhlu lwezikhalo lwamukelwe yisikhulu esiphezulu saseDenel, uMnuz Tshepo Monaheng, othembise ukuthi bazolubheka bese bebuyela kubasebenzi.
UNgubane uveze ukuthi iDenel iyawathola ama-oda kodwa idinga uhulumeni ayilekelele ngoR3 billion ukuze ikwazi ukwenza inzuzo.
Uthe iDenel iyawathola ama-oda njengoba ngo-2019 yathola aka-R19 billion kwathi ngonyaka olandelayo aya kuR30 billion alokhu enyuka minyaka yonke ngakho iyadinga ukwesekwa ukuze ikwazi ukubuyela esicongweni.
Wakhala ngokuthi njengoba uhulumeni engayinakile, abasebenzi baseDenel bathathwa kwamanye amazwe nakwezinye izinkampani ngenxa yamakhono abo ayivela kancane.