UNGQONGQOSHE woMnyango wezaseKhaya kuleli, uMnuz Malusi Gigaba ubizelwe ukuba azochaza ukuthi kungani umnyango wakhe wavumela isamba sikaR67 million osikweleta inkampani engenamali yezobuchwepheshe, sikhuphukele kuR800 million.
Ngokwabaphenyi, lesi samba esikweletwa iDouble Ring Trading sinyuke kakhulu ngemuva kombango ophakathi kwayo noMnyango wezaseKhaya ngo-2009, njengoba manje sesifinyelele kuR794 million.
ULorenzo Pavoncelli, ongomunye wabaphenyi abaqokwe yiSAF Trust ukubheka uhlelo lokuvalwa kweDouble Ring Trading, uthe bafuna uR794m, ozothathwa kubakhokhi bentela.
Izincwadi ezibizela uGigaba eNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng ziphume kuleli sonto. Uzovela phambi kwenkantolo ekupheleni kwale nyanga ukuze azochaza ngokungakhokhelwa kwale nkampani okuyinto eyenze kwaba nabantu abangu-150 abalahlekelwe yimisebenzi, nokuphoqe le nkampani ukuba ivale.
Ngokwezincwadi, uGigaba engase agqunywe ejele uma engaveli ngaphambi kwenkantolo.
IDouble Ring Trading yanikezwa umsebenzi nguMnyango wezindaba zaseKhaya ngo-2005, ukufaka uphiko olwaluzogxila kwezobuchwepheshe ezakhiweni zalo mnyango eziseTshwane.
Okhulumela lo Mnyango, uMnuz Thabo Mokgola uvumile ukuthi bazitholile izincwadi ezibizela uGigaba enkantolo.