UFUNA ukubona ubulungiswa ngokushesha umndeni webhungu okuthiwa lishaywe ngonogada abaqapha inxanxathela yezitolo eChatsworth, eThekwini, lashona ngoba lisolwa ngokuntshontsha.
UMnu Minenhle Maphumulo waseMlaza ushonele esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial ngoMsombuluko emva kokulimala kanzima emzimbeni nasekhanda, ngokusho komndeni nomngani wakhe uMnuz Mthokozisi Ncanana naye olimale kanzima. Lesi sehlakalo senzeke ngoMgqibelo lapho umufi nomngani wakhe bebesolwa onogada ngokuthi bebenenhloso yokweba izingubo zokugqoka esitolo i-Truworth.
Ekhuluma neSolezwe ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa eMlaza izolo, unina kamufi, uNksz Hlanzeka Maphumulo, uthe uthole ucingo luvela kwabakaNacanana okuyibo abafike kuqala endaweni yesigameko lapho bethole khona indodana yakhe nomngani wayo belimele kanzima belahlwe eduze komgwaqo. Uthe yibo abakwaNcanana ababaphuthumise esibhedlela lapho indodana ishonele khona. Uthe yize noma engeke ayiphikele ingane yakhe ngoba ubengekho kodwa akakholwa ukuthi bekumele ishaywe njengoba seyize yashona ngenxa yokulinyazwa.
“Kubuhlungu kakhulu ukuhamba emhlabeni kwengane yami ngale ndlela. Uma onogada bembambe nezinto zokwebiwa bekumele bambophe bese uyoziphendulela enkantolo hhayi ukuthi onogada baphenduke ijaji eligweba abantu intambo benganikwanga ithuba lokuziphendulela. Ngifuna ukubona ubulungiswa ngokushesha, amaphoyisa bekumele angabe asebabophile onogada,” kukhala uNksz Maphumulo.
Elandisa ngokwenzekile uNcanana uthe yena nomufi bebengaphakathi esitolo sezingubo sakwaTruworth besabheka ukuthi yini abayingathanda bese beyayithenga. Uthi babone sebengungwe ngonogada abayisithupha ababasole ngokuthi bebehlela ukuminca izingubo zokugqoka base bebathelekela ngenduku besebenzisa izinduku zamapayipi eziphathwa ngonogada. UNcanana uthi labo nogada babashaye baqeda babahudula bayobalahla eduze komgwaqo babuyela emuva. Uthi batholwe ngowesifazane obedlula obafonelele imindeni okuyiyo ebaphuthumise esibhedlela ePrince Mshiyeni ngemoto kanti izolo uzoshona uMinenhle.
“Akukho esikwenzile obekuphambene nomthetho futhi namakhamera abo ngaphakathi asozifakazela kanti nowesifazane osebenza kulesi sitolo ubatshelile onogada ukuthi asintshontshanga lutho. Okubi nje ukuthi ushonile umngani wami ebulawela into engekho kanti ngilimale kanzima ngento engingayazi," kusho uNcanana.