USOLA amaphoyisa ngokuhudula izinyawo, angababophi abasolwa, umndeni wowesilisa waseBellair eThekwini owabulawa kule ndawo ngoDisemba nyakenye. Amaphoyisa awachazanga ngesikhalo somndeni mayelana nalolu daba.
Ngokusho komndeni, uMnuz Sibusiso Blessing Zindela (32) washawa ngesikhali esithize ekhanda ngesikhathi ebulawa.
Udadewabo, uNksz Mbali Zindela utshele Isolezwe ukuthi iminwe ikhomba ababesendlini nomufi ngokufa kwakhe, athe wabulawa ngoDisemba 26.
Uveza ukuthi ngosuku lwesigameko umufi wayekade ehambe nabangani bakhe kuyiwa ezitolo.
Uthe bagcina bezwa ngabanye ababesendlini ukuthi kwathathwana lapho kwayiwa eflethini lomunye wabangani nokuyilapho okwagcina kuba khona ingxabano.
“Sizwa kuthiwa wagcina elwa nabanye ababekhona ngaphakathi endlini nokwathi uma ebona ukuthi isimo siya ngokushuba, waphuma wahamba,” kusho uNksz Zindela.
Uthe babatshela ukuthi kwabuye kwaphuma abangani ababili bamlandela ngokushesha umufi.
“Kuthiwa ababili kulabo ayelwa nabo, babuye baphuma bamlandela ngesikhathi eqeda kuphuma. Kwathi uma bebuya, ababesele endlini baqaphela ukuthi sebengcolile sengathi kade bebhuquzisana nomuntu phansi kodwa bangabuzwa lutho,” kusho uNksz Zindela.
Uthe bathola ngoDisemba 28 ngesikhathi beya emaphoyiseni beyobika ukuthi udukile, ukuthi isidumbu sakhe satholwa ngoDisemba 27 eduze komgwaqo ngasendaweni ehlala abafundi.
“Wayenqunu, izingubo zakhe zibekwe budebuduze nesidumbu sakhe, evuvukele ebusweni,” usho kanje.
Uthe konke abakuzwa bakubikela amaphoyisa sebezwe ngabanye ababesendlini, kodwa amaphoyisa athalalisa.
“Athi ngabe kungcono ukuthi ababesendlini yibo abeza kuwona nalolu lwazi. Lokhu kusiphatha kabi ngoba sifuna ubulungiswa ngokubulawa komfowethu. Silindele ukuthi amaphoyisa enze umsebenzi wawo ngoba iqiniso lisobala,” kusho uNksz Zindela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseBellair aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokubulawa kowesilisa oneminyaka engu-32. Isidumbu sakhe satholwa ngoDisemba 26 emgwaqweni uBedford Avenue.