IKHWELO elilokhu liqhamuka kwabayizishoshovu zezempilo lokuthi uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana anyuse intela kashukela, lingase lidale usizi phezu kolunye ngokusho kwabalimi bakamoba i-SA Canegrowers.
Bathe akufanele iNingizimu Afrika yeseke imibono edukisayo.
Izishoshovu zezempilo zithi njengoba ungqongqoshe ezokwethula isabelomali ngoFebhuwari 19 kumele ayinyuse ngokuphindwe kabili intela kashukela futhi yenabele nakumajusi enziwe ngezithelo.
Abalimi bathe ngenkathi kuqalwa intela kashukela ngo-2018, kulahleke imisebenzi engaphezu kuka-16 000. Bathe Imboni ilahlekelwe u-R2 billion ngonyaka owodwa wokuqala.
“Ukunyuswa kwentela kashukela kuzobhebhezela isimo sokulahleka kwemisebenzi ezweni njengoba umnotho uvele untekenteke. Umphumela kuzokuba wukulamba kwabantu abaningi.
“Izishoshovu zezempilo zisho izinto ezidukisayo zokuthi ukunyuswa kwentela kashukela kuzonika uhulumeni imali yezinhlelo zokuphakela izingane ezikoleni. Lezi yizinto ezingahlangane,” kusho isitatimende sabalimi bakamoba.
Siqhuba ngokuthi kuyimanje isimo sinzima emindenini eminingi eyakhele amapulazi, ikati lilele eziko ngenxa yokuntuleka kwemisebenzi. Kuthiwa iningi lidilizwe emva kokwethulwa kwentela kashukela.
I-SA Canegrowers imele abalimi abasafufusa abangu-24,000 nabakhula ngesivinini abangu-1 200 KwaZulu-Natal naseMpumalanga. Laba batshali bangabaqashi ababalulekile futhi baneqhaza elimqoka kwezomnotho.
I-SA Canegrowers ithe inxusa uNgqongqoshe uGodongwana ukuthi ayisule le ntela ngoba idala umonakalo omkhulu kunokuthi ibe yisixazululo. Uthe bayancipha abantu abakhokha intela ngenxa yokudilizwa kwabasebenzi, okwenza uhulumeni ulahlekelwe.