UMPHAKATHI waseMzinyathi, eNanda, ufuna kuvalwe thaqa ukusebenzisa impophoma kwabelaphi bendabuko, kulandela ukwanda kwezigameko zobugebengu obushaqisayo.
Izakhamuzi zakule ndawo zizwakalise ukukhathazeka kwazo emhlanganweni womphakathi ngeSonto, kulandela isigameko sakamumva lapho okutholwe khona isidumbu somuntu ongaziwa egwaziwe.
Umufi kuthiwa ubonwe umthandazi obezokwenza izinto zakhe empophomeni ngoLwesine, wahlaba umkhosi emphakathini.
Kuthiwa umphakathi uthutheleke khona, wambona umufi entanta emanzini, kwabizwa amaphoyisa, aze amkhipha ngoLwesihlanu emini.
Isolezwe lithole ukuthi yize kungacaci ukuthi umufi ubulawe nini kodwa kuthiwa ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokutholwa kwakhe, kwezwakala umuntu ekhala ecela usizo ebusuku khona empophomeni.
Unobhala wohlaka olulwa nobugebengu endaweni, uMnuz Ndumiso Mzobe, uthe akusona esokuqala isigameko esishaqisayo senzeka empophomeni.
“Emasontweni amabili edlule, umphakathi usize owesifazane obeshaywe kanzima yizigebengu, othe sezimkhiphise u-R20 000 kuwi-app yasebhange kumakhalekhukhwini,” kusho uMzobe.
Uqhube wathi ngenyanga edlule kutholwe amathambo omuntu egaxele ematsheni empophoma.
“Ziningi nje izigameko. Kwezinye kuye kuphucwe bona abelaphi bendabuko nalabo abasuke behamba nabo izimoto, amaselula nemali,” kusho yena.
Uthe izigilamkhuba akuzona ezendawo, kodwa zingabantu abangaziwa ababona ithuba lokwenza ubugebengu kubantu abasuke bezokwenza izinto zokwelapha nokwelashwa.
Ukhale ngokuthi ubugebengu sebukapakela nasemizini eyakhele impophoma.
“Uma bebuye belambatha empophomeni, badubela kithina esakhele impophoma, basingenele ezindlini, bathathe noma yini abayifunayo.
“Yikho sifinyelele ekutheni sivumelane ngokuthi akuvalwe ukusebenza kwempophoma ngoba ubugebengu buya ngokuya buba bubi kakhulu,” kubeka uMzobe.
Induna, uThathokwakhe Gumede, ikuqinisekisile ukuthi sibi kakhulu isimo empophomeni.
“Abantu bahlaselwa yizigebengu ezingaziwa emakhaya, empophomeni kutholwa abantu sebefile, kungaziwa babulawe nini. Lo wakamumva nje njengoba etholwe ngoLwesine, asazi wayebulawe nini. Phambilini, kutholwe amathambo omuntu, naye okungacaci wabulawa nini,” kusho uGumede.
UMengameli wenhlangano yabelaphi bendabuko, iSouth Africa's Traditional Healers Association KwaZulu Natal, uMnuz Sazi Mhlongo naye ushaye amakhala ngokuhanjiswa kwabantu ezimpophomeni, wathi kungaba umbono omuhle ukuvalwa kwazo.
Uthe izinyanga ezilapha abantu ngendlela yasemandulo, azikaze ziyalelwe ukuthi ziyise abantu ezimpophomeni.
“Ukwelapha kwezikhathi zamanje sekwangenwa ngisho nayizigebengu, ubona sekwande abantu abayisa abantu ezimpophomeni. Lokhu kubeka sona isiguli nayo inyanga engozini yokugetshengwa. Kwabona bangajikelana bodwa, bagebengane,” kusho uMhlongo.
Uphinde wenza isibonelo ngalabo abehlelwa umshophi wokuminziswa yizinyoka zezimpophoma neziziba, athe ukube akuyiwa kule zizindawo, ngabe awuze ungehla umshophi wokugwiliza namanzi,” kusho uMhlongo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseNanda aphenya idokodo lokufa komuntu emva kokutholwa kwesidumbu somuntu esesonakele empophomeni yaseNanda ngoLwesihlanu. Uthe izimo ezimayelana nalesi sehlakalo zisaphenywa.