I-IFP yenze umzekeliso ngokushweba kwe-MK iKwaZulu-Natal nesimo sezintombi ezinhlanu kulezo ezilishumi okukhulunywa ngazo eBhayibhelini, ezozela zalala zashweba ekutholeni umyeni.
Iqembu eliholwa uhulumeni wobumbano ophethe iKwaZulu-Natal, i-IFP, lithe ukungaphathi kwe-MK esifundazweni kuyafana nokwenzeka ezintombini ezaphuthwa umendo ngenxa yokuthi azizange ziwaphathe amafutha okukhanyisa izibani zazo.
I-MK iyona eyathola izihlalo eziningi esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, njengoba inezihlalo ezingu-37 kwezingu-80, kepha isifundazwe siphethwe ngokubambisana yi-IFP, ANC, DA ne-NFP, abanezihlalo ezingu-41 uma behlanganisiwe.
Ngesikhathi kunenkulumo mpikiswano esiShayamthetho, izolo, amalungu e-MK, akhale ngokuncishwa ithuba lokuphatha iKwaZulu-Natal yize kuyiyo eyathola amavoti amaningi esifundazweni.
Inkulumo mpikiswano ibibizelwe ukuzoxoxa ngenkulumo eyethulwe uNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli, ngoLwesithathu.
Ohola i-MK esiShayamthetho, uMnuz Mervyn Dirks, uthe uNtuli akafanelwe ukuphatha isifundazwe, wathi uzosuka maduzane.
“Abantu baKwaZulu-Natal bavotela i-MK ngobuningi. Ngokuhlakanipha ke kwenu namaqembu enibambisene nawo, naphuca i-MK ithuba lokuthi iphathe isifundazwe. Angeke sibenzele phansi abantu baKwaZulu-Natal abavotela i-MK, sizoqhubeka silwe. Ukungaphathi kwethu kuyinto yesikhashana.”
La mazwi ananelwe elinye ilungu le-MK, uMnuz Sithembiso Magubane, okhale ngokuthi alikho iqembu elasondela kwi-MK ngamavoti KwaZulu-Natal.
I-MK yathola amavoti angaphezu kuka-1,6 million KwaZulu-Natal, iqembu eliyilandelayo, i-IFP yathola amavoti angaphezu kuka-600 000.
Ilungu le-IFP, uMnuz Mntomuhle Khawula, lithe abe-MK kufanele bazinuke amakhwapha ngokungaphathi kwabo iKwaZulu-Natal.
UKhawula uthe njengoba lingekho iqembu elanqoba ngamalengiso KwaZulu-Natal, wonke amaqembu kwakufanele angene ezingxoxweni zokubusa ngokubambisana.
“Izandla zazivuliwe kuwo wonke amaqembu ukuba axoxe kodwa kwaba khona akhetha ukungaxoxi ngoba nakhu ayekholelwa ukuthi wona alunqobile ukhetho. NaseBhayibhelini kukhulunywa ngezintombi ezilishumi. Kuyashiwo ukuthi zozela zalala ngesikhathi zisalinde umyeni. Kuyashiwo ukuthi lezo eziyizihlakaniphi zaphatha amafutha okukhanyisa izibani awenele, lezo eziyiziwula aziwaphatha amafutha.”
Elinye ilungu le-IFP, uMfu Thulasizwe Buthelezi, lithe ukwakhiwa kohulumeni waKwaZulu-Natal kwakungeke kuvinjwe yiqembu elinezihlalo ezingu-37.
“Abantu be-MK kufanele bafundiswe ipolitiki.”
UNtuli uthe angeke kuyisize ngalutho i-MK ukubalisa, wathi kufanele ingakhohlwa ukuthi ayizange inqobe ngamalengiso.
“Ukuze uphathe isifundazwe kufanele uthole ngaphezu kuka-50% wamavoti. Alikho iqembu elathola ngaphezu kuka-50% wamavoti lapha KwaZulu-Natal. Amaqembu aphethe athola u-55% wamavoti uma ehlanganisiwe. Ingakho ephethe.
“Ukubalisa angeke kubasize ngalutho abantu baKwaZulu-Natal. Manje sekufanele ukuthi wonke amaqembu asebenzisane ukuze kufezwe izidingo zabantu.”