KUBOSHWE abantu abangu-243 KwaZulu-Natal bathweswa amacala okudlwengula ngoMashi nonyaka.
La basolwa bayingxenye yabantu abangu-9 522 abakhalelwe amasongo kaSigonyela esikhathini esifanayo.
Amaphoyisa athi bangu-1 380 ababoshelwe amacala athinta izidakamizwa kwathi ababoshelwe ukudayisa utshwala ngokungemthetho baba ngu-445.
Lokhu kuvezwe esitatimendeni esithunyelelwe kwabezindaba okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Robert Netshiunda.
Esikhathini esifanayo amaphoyisa ashaqe izibhamu ezingu-258 kuhlanganisa nezinhlokohlela ezingu-17 nezinhlamvu ezingu-3 000.
“Abasolwa abangu-167 baboshelwe amacala okubulala, kwathi abawu-137 kwaba awokuzama ukubulala. Abasolwa bayingxenye yabangu-3 156 ababoshelwe amacala abucayi,” kusho uNetshiunda.
Kuphinde kwashaqwa imimese engu-463 nocelemba ababalelwa ku-22.
UNetshiunda udalule ukuthi abasolwa abangu-148 baboshelwe amacala athinta ukugqekeza imizi nezindawo zamabhizinisi, ukuphanga kusetshenziswa indlakadla nawokuduna izimoto.