BAFIKE kwezwakala abafundi basezikoleni ezisesifundazweni iKwaZulu-Natal, bebuya nezindondo emqhudelwaneni wamazwe omhlaba, i-International Science Technlogy and Engineering obuseBali, e-Indonesia emasontweni amabili edlule.
USiqiniseko Mpontshane (20) waseMabhanoyini eJozini, ofunda u-Grade 12 eMandla Mthethwa School of Excellence ubuye nendondo yesiliva elala isibili emkhakheni abengenele kuwo, njengoba ubebukisa ngemoto ayisungule eyiqala phansi enganciphisa izingozi emigwaqweni, amajaji ahlabeka umxhwele. UHusna Docrat ofunda u-Grade 11 eSt Dominics eNewcastle, wathola indondo yegolide ngocwaningo lwakhe oluthinta uhlobo lweplasitiki esetshenziselwa ukufaka izimpahla, engahlala isikhathi esevile eminyakeni ewu-20, engasiza ukugwema ukunukubezeka kwemvelo ngenxa yokungcola.
Kulo mqhudelwano okusuke kubhekene abafundi nezitshudeni zezikhungo zemfundo ephakeme ezivela emazweni omhlaba, kubukiswa ngezinto ezehlukene eziqhamuka nentsha ezingaletha isixazululo ezinkingeni ezehlukene emhlabeni jikelele.
USiqiniseko bekunguyena kuphela kubafundi abathathu abaqokwe emncintiswaneni i-Eskom Expo for Young Scientists kuleli, ovela esikoleni esisemakhaya. Ekhuluma neSolezwe uthe ubengakulindele ukuphuma isibili.
“Ngijabule kakhulu ngengikuzuzile. Besiqhudelana nabebevela emazweni ahlonishwayo okukhona kuwo i-France, USA, UK namanye. Iningi labebekulo mkhakha engiqhathwe kuwo, yizitshudeni ezivela ezikhungweni zemfundo ephakeme kuyimina nje obevela esikoleni samabanga aphezulu. Ngibonga kakhulu kubazali bami, othisha bami nakubantu abenze iphupho lami laba yimpumelelo,” usho kanje.
Isifiso sakhe esikhulu ukuthola umfundaze, njengoba efuna ukufundela ukuba yi-Megatronic Electrical Engineer.
USiqiniseko uthe imoto yakhe uyiqale esafunda esikoleni samabanga aphansi eJozini okuthe ngo-2021 waqala ukuthuthukisa umsebenzi wakhe. Iyazishayela yona, ihamba ngogesi ibe nomazibuthe ezinhlangothini zonke abavimbela ukuthi ingashayisi ezinye emgwaqweni, okuyinto uSiqiniseko athi inganqanda izingozi. Embukisweni wezinsuku ezintathu walo mqhudelwano phakathi kukaMeyi 2 no 5, amajaji kuthiwa abenikeza nongenelile ithuba lokuba achaze kabanzi ngomsebenzi wakhe.
UMnuz Parthy Chetty owuMqondisi kwi-Eskom Expo ecashunwa kwi-website yoMnyango weMfundo eyisiSekelo, ubongele abafundi abahlabene,
“Kuyajabulisa ukubona abafundi bakuleli beqhudelana nabanye basemazweni omhlaba. Laba bafundi baqhamuka ezindaweni ezehlukene kuleli ngakho kuyathembisa ukubona izinhloso zethu nge-Science, Technology, Engineering, Mathematics and Innovation (STEMI), kuyaqala kuthela izithelo,”usho kanje.