UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Zweli Mkhize, uqinise idolo abantu bakuleli ukuthi abazobuya eWuhan, eChina, namhlanje abaguli ngakho kasikho isidingo sokutatazela ukuthi bazothelela abanye abantu ngegciwane iCoronavirus.
UMkhize ekhuluma esithangamini sabezindaba ebesisePolokwane, eLimpopo, izolo ebusuku, umemezele ukuthi senyukile safinyelela ku-16 isibalo sabaneCoronavirus.
Uthe benze iphutha bethi bangu-17, njengoba indoda yaseFree State obekubikwe ukuthi yahlangana nosomabhizinisi waseChina isihlolwa okwesibili, kutholwe ukuthi ayinalo leli gciwane.
UMkhize uthe laba bantu abangu-121 abazobuya namhlanje ngeke baze bayovalelwa esibhedlela ngoba kabaguli.
“Abazona iziguli, abazona iziboshwa. Asizobafaka esibhedlela. Sizobabeka endaweni eyodwa ukuze sizokwazi ukubaqapha sibahlole izinsuku eziwu-14, bese siyabadedela emuva kwezinsuku ezingu-21 sesiqinisekisile ukuthi abanalutho. Bazobe bezihlalele ezindlini zabo ukuze bengazohlangana nabanye abantu. Lokhu sikwenzela uma kwenzeka betholakala ukuthi banalo leli gciwane,” kusho uMkhize.
Uthe abantu abalindelekile balinganselwa ku-121 ngakho bebedinga indawo enkulu abazofikela kuyona.
UMkhize uchaze ukuthi zingu-84 izindawo kuleli ezibhekiwe ukuze kuzotholakala efanele ukuba kubekwe laba bantu.
“Sifuna ukuqinisekisa ukuthi sibheke yonke indawo sabe sesivumelana kule ndawo eseLimpopo ngoba iyona ebivumelana nazo zonke izimo. Sithe abeze nabezindaba ngoba wusuku lokugcina lokuba nibe la. Kuzobe kuvaliwe lapha kugade amasosha namaphoyisa. Akekho okumele asondele lana nozovunyelwa,” kusho uMkhize.
Kwezinye zezindawo, athe bake bazibheka, iseThala ngaseVryheid KwaZulu-Natal kodwa yachithwa ngoba kutholakale ukuthi kukude kakhulu nesikhumulo sezindiza, uma befika eKing Shaka kungamele bashayele ibanga elingaphezu kwamahora amahlanu.
“Akulona iqiniso ukuthi siletha abantu abagulayo eLimpopo ukuzogulisa abantu bakhona. Lapha kuzohlala abantu abaphilayo, uma kutholwa ukuthi kukhona onaleli gciwane uzokhishwa kule ndawo ayiswe lapho ezolashwa khona,” kusho uMkhize.
Khonamanjalo, kuhlelwe umhlangano oyisipesheli weKhabhinethi oqala ngeSonto eTshwane lapho kulindeleke ukuba kukhulunywe ngodaba lweCoronavirus, okubalwa udaba lokulawula kokuphuma kuleli, nokunye.