KUQHUME umkikizo namakhwelo ngesikhathi izidumbu zabesilisa abasolwa ngokudlwengula, ukubulala nokugqekeza bebulawa wumphakathi. Kuthiwa umphakathi ubaphonsele ezinjeni ezibadephune imiphambili ngoba baqale bakhunyulwa babanqunu eKilimun, eBulwer.
UMnuz Nkosi Mdunge (45), nomngani wakhe uMnuz Khehla Mbanjwa (38) bayindaba egudwini endaweni ngoba kuthiwa umphakathi uvuke umbhejazana, wazibambela bona mathupha, wababulala.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ngomthombo walo olazi ukusuka nokuhlala udaba, ukuthi laba besilisa bese kuyiminyaka besolwa ngokudlwengula, nangokweba kodwa bengaboshwa. Kuthiwa bese besatshwa, umphakathi uhleli lubhojozi.
Basolwa ngokubulala, ukugqekeza emizini yabantu baphinde badlwengule abesifazane uma bebafica lapho abesuke begqekeza khona.
Kuthiwa umphakathi ubakhumulise izingubo wababhaxabula benqunu, wabashaya baze bafa, ngemuva kwalokho wabathatha wayobanikela ezinjeni ukuze nazo zizitike.
“Baze babulawa kabuhlungu nampa abafana! Angikaze ngisibone mina isihluku esinjengelasiya. Yebo, sonke besazi ukuthi bayizinswelaboya kodwa babulawe kabuhlungu,’’ kubabaza umthombo.
Uqhuba uthi izinja zizitike ngezidumbu zabo zasala zimbobomb, kodwa bezidephula imiphambili. Uthe isimo sezidumbu zabo sigcine sinyantisa igazi. Uthe uyawazwela amalungu emindeni yabasolwa.
“Leziya zinja ziyingozi bezisho ukubadla zibaqede. Kusize khona ukuthi kuqhamuke amaphoyisa. Ukube awazange aqhamuke laba bantu izinja bezizobadla zibaqede nje nya,’’usho kanjena.
Kuhlalukile ukuthi abesilisa bebesatshiswa okwenyoka kule ndawo kwaziwa ukuthi aluyi olubuyayo.
“Bebeyiziqhwaga kungabantu okungelula ukuthi ungabhekana nabo ulwe maqede uqhubeke uphile. Kodwa sizoke siphumule silale nobuthongo ebusuku,’’ kusho umthombo.
Ikhansela lendawo kuWard 4, uMnuz Themba Shoba, lithe lizwile ngalesi sigameko. Lithe lisazoke lithole kabanzi ukuthi ngampela kwenzekeni Likuqinisekisile ukuthi ababulewe bese kuphele isikhathi eside kakhulu besolwa ngezenzo ezingezinhle zobugebengu.
“Ngizwile ukuthi kwenzekeni kulaba bafana. Ngidlulile endaweni yesigameko. Kodwa bese kungasekho lutho ngoba ngibambezeleke emhlanganweni ebengikade ngiwuhambele,’’ usho kanjena uShoba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo usiqinisekisile isigameko. Uthe amaphoyisa aseBulwer, aphenya icala lokubulawa kwabesilisa ababili.
“Laba besilisa batholakale befile, kusolakala ukuthi iqulu labantu ebelibasola ngokugqekeza endaweni yilona elibabulele. Imizimba yabo itholakale sekubonakala ukuthi kade ilunywa yizinja,’’kusho uConstable Ngcobo.
Uthe sekuboshwe abasolwa abayisishiyagalombili mayelana nesigameko.
Isolezwe Ngempelasonto lizamile ukuthola amalungu omndeni kodwa imizamo iphunzile. Lithole nokuthi kukhona abahlela ukuyophazamisa ukungcwatshwa kwabo.
Kuthiwa abafuni nanokuthi bobabili bangcwatshelwe endaweni. Bakhala ngokuthi kakubafanele ukungcwatsha endaweni ngoba bawone kakhulu umphakathi besadla anhlamvana.