UKHISIMUSI noNcibijane obekulokhu kukhonjwa eduze sekufike kwedlula kwashiya abanye bekhala ngemali yabo abayisebenzise ngendlela abangayiqondi bekhithiza ezitolo.
Okubuhlungu wukuthi nawu unyaka omusha ubagqolozele emehlweni, uza nezindleko zokuphila ezehlukene. Kuvame ukuthi abantu bakhale esikaNandi ngoJanuwari, bethi mude kakhulu ngoba imali isuke ingekho idlule noKhisimusi noNcibijane.
UYINI UKHISIMUSI?
Umlando oshicilelwe abe-Wikipedia uveza ukuthi uKhisimusi wumkhosi wamaRoma ayegubha ukuzalwa kukaJesu Krestu, uwumkhosi wamasiko nenkolo. Sekuphele iminyaka engu-1 687 waqala ukugujwa.
Abanye lo mkhosi bawubiza ngoNoel noma i-Nativity kanti ugcine usugujwa cishe umhlaba wonke nalabo abangewona amakholwa. Umlando uveza ukuthi ngalesi sikhathi kusuke kuhlangene imindeni kuphiwana izipho kumnandi.
Umlando uphinde uveze uNcibijane njengomgubho walabo abasebenzisa ikhalenda okuthiwa iGregorian. Kuvela ukuthi inhloso yawo wukugubha ukuphela konyaka nokulangazelela unyaka osuke uzolandela. Ngokwejwayelekile, kuleli kuvame ukuthi abantu bahambelane imizi ngemizi begubha uKhisimusi noNcibijane lapho basuke beswenke ngezingubo ezintsha.
Kamuva nje, abantu ezinkundleni zokuxhumana sebenokuzwakala beyichitha indaba kaKhisimusi noNcibijane. Isolezwe libuze abafundi balo ekhasini le-Facebook ukuthi basalibona yini isasasa likaKhisimusi noNcibijane, abaningi bathi lehlile kakhulu.
Omunye wabafundi, uFlorence Mabena, uthe ubona uKhisimusi noNcibijane kuphelelwe yisasasa.
“Alikho isasasa, wukuchitha imali nje kuphela. NgoJanuwari ayikho imali yezincwadi neyesikole nomfaniswano. Ngiyazisola kodwa manje sengivuleke amehlo, kwakuyicebo lokudukisa abantu abamnyama,’’ kusho uFlorence Mabena.
UPhilile Philzo uthe naye ubona kufanele kuqhutshekwe nempilo, abantu bayeke ukuhlanyiswa wuKhisimusi.
“Alisekho isasasa likaKhisimusi, uma usathenga udilize zonke izitolo uyazimosha. Thenga okulingene wena nomndeni wakho uthathe imali uqhubeke nempilo ayikho le nto. Okukhona yithuba lokuhlangana kwemindeni nokufa kwabantu emgwaqweni,’’ kusho uPhilile Philzo.
UMndeni Sibisi uthe akusafani nakuqala, ukhala ngobuntu obungasekho kubantu.
“Akusafani nakudala lapho esasihamba yonke imizi yasendaweni sicele uKhisimusi, imbangela yalokho ukuthi abantu abasenanembeza manje, kungabulawa wonke umndeni kokunye bavele babaxoshe abantu sesaphenduka izilwane kulelizwe,’’ kusho uSibisi.
UPamela Cele uvumelane nalabo abathi isasasa liphelile.“Alisekho nhlobo isasasa, ukudla kuyabiza akulula ngisho ukuhlangana niwumndeni, kuqhuma izibhamu kuchitheke igazi. Sekuyigama nje ukuthi uKhisimusi yonke into iyabiza. Uma kudlula lapho kuvulwa izikole, kuyabiza umfaniswano nezincwadi,’’ kusho uPamela.