IZIHLATHI zivakashela izindlebe kubasebenzi bomasipala emuva kokusayinwa kwesivumelwano esizobanyusela amaholo ngo-6%.
Lesi sivumelwano seminyaka emihlanu kulindeleke ukuthi silethe uzinzo komasipala abawu-257 abangaphansi kwe-South African Local Government Association (Salga).
UNobhala Jikelele we-South African Municipal Workers Union (Samwu), uMnuz Dumisane Magagula, uthe lesi sivumelwano sizokhuphula amaholo abasebenzi abawu-300 000 abaqashwe komasipala.
“Emuva kwezingxoxo ebezinzima sikwazile ukutholela abasebenzi u-6%. Lokhu kusho ukuthi imali izonyuka ngo-4.5% kusukela ngoJulayi 1 walo nyaka bese kunezezelwa u-1.5% ngoMashi wonyaka ozayo. Yisivumelwano seminyaka emihlanu esizoqinisekisa ukuthi umthwalo uyehla emahlombe abasebenzi njengoba impilo ibiza.”
Uveze ukuthi abasebenzi abahola u-R22 000 nangaphansi, abangenaso isibonelelo sezindlu bazothola u-R2 000 ozokhokhwa kunyaka wokuqala wesivumelwano.
Uthe bazoqhubeka benze uphenyo ukuthi abasebenzi abangasitholi isibonelelo sezindlu bangalekelelwa kanjani. Lolu phenyo luzophothulwa ngoMashi wonyaka ozayo.
“Isivumelwano seminyaka emihlanu sizoqinisekisa ukuthi kunozinzo komasipala ngoba abasebenzi ngeke baphoqeleke ukuthi bayokhuluma indaba yamaholo ngenxa yezivumelwano zeminyaka embalwa. Kuzosiza omasipala ukuba bathumele izidingo kubantu,” kusho uMagagula.
ISalga ikuqinisekisile ukuthi amaholo anyuswe ngo-6% ezingxoxweni ebezenganyelwe yiSouth African Local Government Bargaining Council.
Kulezi zingxoxo abasebenzi bebemelwe yiSamwu ne-Independent Municipal and Allied Trade Union (Imatu).
Izingxoxo ziqale ngoJulayi 15.
I-Imatu nayo ithe isivumelwano sizoletha uzinzo komasipala kanti yize isivumelwano sisayinwe ngoLwesihlanu kodwa amaholo azonyuka kusukela ngoJulayi nonyaka.